KUSEWUMQANSA ukuthi abanye abantu bathathe imishanguzo yegciwane lesandulela ngculazi, endaweni eyakhele isifunda iKing Cetshwayo.
Lokhu kudalulwe nguNksz Nokukhanya Hlophe, woMnyango wezeMpilo ngenkathi isifunda noMasipala waseNkandla, bekhumbula abahaqwe yingculazi nesandulela sayo emhlabeni.
"Esikubonayo emitholampilo yethu ukuthi abantu bafike bahlole bangabe besayilanda imishanguzo yabo. Lokhu kusiphindisela emuva emizameni yethu yokulwa negciwane. Okunye okusikhathaza kakhulu yizinga lezingane ezinalesi sifo ezingawathathi amaphilisi azo.
“Siyafisa ukuthi abazali bachazele izingane zabo ngamaphilisi eziwathathayo, uma behluleka bakhona abaqeqeshiwe ukukhuluma nezingane ngalolu daba," kuxwayisa uNksz Hlophe.
Obhekelele uphiko lokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane emnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi eKing Cetshwayo, uNksz Nokwazi Mbatha, uthe yonke iminyango inendima okumele iyidlale ukuvikela abantu besifazane nezingane.
UNksz Bongekile Mbatha (57) waseNkandla, oneminyaka engu-20 ephila negciwane lengculazi unxuse abantu ukuthi baphuze amaphilisi abo.
UNksz Mbatha uphawule kanje: “Ngiyabakhuthaza abantu ukuthi bathathe imishanguzo ngendlela efanele futhi bakhumbule ukuthi utshwala abufuneki emaphilisini.”
IMeya yesifunda iKing Cetshwayo, uMnuz Thami Ntuli, ithe ngalolu suku bebezokhumbuza abantu ukuthi igciwane lisekhona futhi liyabulala.
"Umyalezo esiwudlulisayo owokuxwayisa abaqala imishanguzo kodwa bayishiye phakathi, sigqugquzele nalabo abangakhuthalele ukuyohlola igazi,” kuchaza uMnuz Ntuli.
Unxuse imiphakathi ukuthi ibambisane ekulweni nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane ukuze kwakheke isizwe esiphephile.