KUNXUSWA intsha ukuba izithibe ocansini noma isebenzise ijazi lomkhwenyana ukuze kunqandwe ukukhulelwa kwayo isencane.
Lokhu kushiwo uNdunankulu waKwaZuluNatal, uNkk Nomusa DubeNcube, ngesikhathi ehambele isibhedlela iHarry Gwala Memorial eMgungundlovu, ukuyokwamukela izingane ezizalwe ngosuku lukaNcibijane.
Zingu-341 izingane ezizalwe ngalolu suku KwaZuluNatal. Kuzona kukhona ezamantombazane ezingu-179 bese kuba ezabafana ezingu-162.Kulesi sibalo umama omncane kunabo bonke uneminyaka engu-15. Uthole umntwana wentombazane esibhedlela sasePort Shepstone. Kuthiwa noyise womntwana uneminyaka engu-15. EThekwini kuzalwe izingane ezingu-109, kwalandela uMgungundlovu ngezingu-39, eKing Cetshwayo kwazalwa ezingu-36. EZululand kuzalwe ezingu 32, kwalandela uThukela ngezingu-27, eMzinyathi kuzalwe ezingu-25, kuGu ezingu-22, eMajuba ezingu-19, eMkhanyakude ezingu-18, kwiLembe eziyisishiyagalolunye kwathi eHarry Gwala kwazalwa ezinhlanu. UNkk Dube-Ncube uthe kuyakhathaza ukubona isibalo sezingane ezincane ezikhulelwayo silokhu sikhule njalo.
Uthe ulwazi abaluqoqa ezibhedlela luveza ukuthi ziningi kakhulu izingane ezingaphansi kweminyaka engu-18 ezithola izingane.
“Kubi ukuthi sekumosheke ikusasa labantu abasha ababili. Sigqugquzela intsha ukuthi izithibe ocansini noma isebenzise ijazi lokhwenyana,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Uphinde wathi banxusa izinhlaka zomthetho ukuthi zisebenze ngokuzikhandla, zibophe bonke abaya ocansini nezingane ezineminyaka engaphansi kuka-16.
“Ukuya ocansini nomuntu oyingane, akukho emthethweni futhi akufanele kuzitshwe,” kusho yena.
Ubuye wakhala ngokwenyuka kwezibalo zokwesuleleka ngezifo zocansi komama abasebasha.
Uthe iningi lisuleleka ngalezi zifo emva kokubandakanyeka ocansini olungaphephile kanjalo nokuhlukunyezwa okubhekiswe kubantu besifazane.
Ubonge ukusebenzisana okuqhubekayo phakathi koMnyango wezeMpilo nowezaseKhaya, owenza kube lula ukuthi omama abasanda kuteta, bathole izifiketi zokuzalwa kwezingane zabo ngaphambi kokuba baphume esibhedlela emva kokubeletha.
Uphethe ngokuthi uyababongela bonke omama abathole izingane zabo ngalolu suku, waphinde wabonga namanesi abesebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi zonke izingane zizalwa ngempumelelo.
UNgqongqoshe wezeMpilo, uNksz Nomagugu Simelane, naye unanele kokushiwo uNkk Dube-Ncube, ethi ukhathazekile kakhulu ngeminyaka yomama ababeletha besebancane.
“Imizimba yabo isuke ingakakulungeli ukuthwala umntwana nokubeka engcupheni impilo yabo,” kusho uNksz Simelane.