ISAZI kwezombusazwe uSolwazi Bheki Mngomezulu, sithi kuzoba khona ukuthikamezeka emsebenzini weminyango kahulumeni uma sekwethulwa ongqongqoshe abasha.
UMngomezulu ubephawula mayelana nokubambezeleka kokuthi uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa amemezele ukushintsha kweKhabhinethi lakhe ngemva kokukhishwa kongqongqoshe abathile ezikhundleni ngemva kokhetho lwenhlangano ebusayo.
Abaningi babelindele ukuthi uRamaphosa amemezele izinguquko emva kwengqungquthela ye-ANC ebiseNasrec ngoDisemba kodwa akwangaba njalo. Kuphinde kwalindeleka ukuthi azimemezele emva kombungazo wokusungulwa kwe-ANC ngoJanuwari 8, kodwa wangakwenza.
Kamuva nje, bekulindelwe ukuthi emva kokwethula inkulumo yakhe abeyibhekise esizweni maphakathi nenyanga ephezulu, nalapho akwangenzeka.
UMngomezulu uthe kulindelekile ukuthi nakanjani kube khona ukuthikamezela eminyangweni yongqongqoshe okubhekwe ukuthi bashintshwe.
“Ukwenza isibonelo nje, uMnuz Fikile Mbalula uzozithola esesimeni esinzima. Kulukhuni ukuthi uthi usubhekise amehlo akho ngaphesheya komfula, kube kulindeleke ukuthi ubuye uthathe izinqumo zanganeno,” kusho uMngomezulu.
Uthe njengoba uMbalula esezazi ukuthi ubhekene nomsebenzi wokuba ngunobhala jikelele we-ANC, kuzoba nzima ukuthi ahlukanise phakathi isikhathi sakhe abhekele okwenzeka eMnyangweni wezokuThutha.
“Umthelela uzoba mubi ngoba umqondo wakhe ususezindaweni ezimbili ngesikhathi esisodwa. Uzongakwazi lapho okufanele aqinise ngakhona.
“Omunye umcabango wakhe uzothi, akangabe esazinaka ezithinta umnyango ngoba useyawushiya ngaleso sikhathi ngisho nabantu ababika kuye njengenhloko yawo, kungenzeka badonse izinyawo ngoba bayazi ukuthi abasenaye kahle umuntu okufanele babike kuye,” kuchaza uMngomezulu.
Uveze ukuthi enye into enikeza uRamphosa inkinga ekutheni amemezele ukushintsha kweKhabhinethi lakhe ukuthi kwelisha uzophoqeleka ukuthi ashiye ngaphandle abantu abanjengoNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, omunye wabantu abameseke kakhulu njengoba esesihlalweni.
Uthe inkinga abhekene nayo uRamaphosa ukuthi unezinhlaka ezimbili zabantu abambonisayo, yilaba abaseduze kwakhe abamfaka ehlathini, bese kuba nalaba okufanele aqale axoxisane nabo ngokusemthethweni njalo uma kukhona izinqumo okufanele zithathwe.
“Laba abaseduze kwakhe, yibo abambonisa ngokuthi kufanele kube khona ungqongqoshe kagesi okuyinto eshiye abantu abaningi beshaqekile,” Enza isibonelo uthe phakathi kwalezo zinhlaka yiCosatu neSACP abakuveze kwacaca ukuthi abahambisani nokuqokwa kukangqongqoshe kagesi okukhomba ngokusobala ukuthi isinqumo usenze ngaphandle kokubonisana nabo.
Usolwazi uveze ukuthi njengamanje indaba yokumenyezelwa kokushintshwa kweKhabhinethi isabambeke lapho njengoba kusadingidwa eyokumenyezelwa kwalo ngqongqoshe ongenasidingo.
Okhulumela iHhovisi likaRamaphosa, uMnuz Vincent Magwenya, uthe uma umengameli esekulungele ukumemezela ukushintshwa kweKhabhinethi lakhe uzokwenza lokho.
“Ngokwejwayelekile kuye kukhishwe isimemezelo lapho kushiwo khona ukuthi umengameli uzokwenza izinguquko ngaphambi kokuba azenze,” kuphawula uMagwenya.