KUPHAZAMISEKE ukufunda eGlenhaven Secondary School, eVerulam abafundi balesi sikole bevuka umbhejazane, bewisa amasango esikole bekhala ngokuthi ayabaphazamisa.
Lesi sehlakalo esenzeke ngoLwesibili sishiye kukhalwa njengoba abafundi belimaze izimoto zothisha ngamatshe baphinde bashisa amasongo esikole amane.
Kusize ukufika kwamaphoyisa kanye nezinkampani zonogada ukuze kudambe udlame njengoba abafundi beshise wonke amasango esikole abekade enesikhashana efakiwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Thulani Zwanel, uveze ukuthi lemibhikiso iqubuke ngabo-8 ekuseni kanti namaphoyisa afikile ukuzoqapha isimo. “Abafundi baphazamise ukufunda esikoleni baphinde balimaza izimoto ngamatshe,” kusho uZwane.
Okhulumela iReaction Unit South Africa (RUSA) uPrem Balram uthe ozakwabo abane bathole usizo lwezempilo njengoba belinyazwe kabuhlungu ngamatshe. “Abasebenzi beRUSA kanye namaphoyisa bebenza imizamo yokunqanda udlame esikoleni, okuyilapho abafundi abaqale khona ukusishaya ngamatshe kwase kulimala nempahla kaHulumeni. Kusize ukuthi sibize abanye ozakwethu ukuze siqede ubudlova obekwenzakala,” kuchaza uBalram.
Omunye umfundi uveze ukuthi ezinye izinkinga ababhekana nazo wukuthi banikezwa imizuzu emithathu kuphela ukuthi bangene emakilasini. “Besingavumelekile ukungena endlini yokuzikhulula noma ukuyophuza amanzi uma kukhona uthisha ekilasini. Ngesikhathi sokuya ekhefini, silinda kulayini omude ukuze sizosebenzisa ama-toilets angekho esimeni esihle. Asikwazi ukuwasha izandla futhi ayikho nethishu,” kuchaza lomfundi.
Umnyango wezemfundo uthe usazophenya ngokuholele kumbhikisho kulesi sikole.