AMAPHOYISA ajabulele ukushaya izinyozi ezimbili ngetshe elilodwa kuboshwa abasolwa ngokuba yizinkabi ezacoboshisa umrepha, u-AKA, nomngani wakhe, uTebello “ Tibz” Motsoane. U-AKA, igama lakhe langempela okunguKiernan Forbes, wadutshulwa wabulawa eThekwini nyakenye.
Kuthiwa u-AKA wayekade elandelwa ngemoto iBMW empunga esuka esikhumulweni sezindiza, iKing Shaka. Kukhona neVW Polo empunga nayo eyabonakala idlula ngasehhotela ayezolala kulona.
U-AKA noTibz babhozonyelwa amadoda abavithiza ngenhlamvu bashonela khona lapho bephuma endaweni yokudlela, iWish on Florida. Amadoda ayisikhombisa asolwa ekufeni kwabo aboshiwe, amanye avelile eNkantolo yeMantshi eThekwini kuleli sonto.
Amabili awakwazanga ukuvela ngenxa yokuthi asabhajwe eSwatini lapho aboshwa ecashe khona futhi kusafanele abuyiswe.
Amadoda abhajwe eSwatini nguMnuz Siyabonga Gezani Ndimande (28), obuye aziwe ngoNxele, noMnuz Malusi Dave Ndimande (29) owaziwa ngoMjay. Laba bamangalelwa bandawonye kuvele ukuthi baboshwa nje bavele bafunelwa amanye amacala.
UMqondisi wezokuShushisa (NPA) KwaZulu-Natal, u-Advocate Elaine Harris, ubhalele abaseSwatini isicelo sokuthi kuboshwe izinsizwa zakwaNdimande. Isicelo sika-Advocate Elaine sishicilelwe abephephandaba, iTimes of Swaziland.
Kuvela ukuthi abakwaNdimande bawumndeni onebhizinisi lamatekisi. Izinsizwa zakwaNdimande zisolwa ngokubulala umnikazi wamatekisi, uMnuz William Kunene, owayedume ngoMtimande ngoNovemba 9, 2022 enxanxatheleni yezitolo, iSeadonne, eManzimtoti.
Kuthiwa oNdimande basolwa nakwelinye icala lokusoconga omunye usomabhizinisi eliphenywa ngamaphoyisa. Kunomuntu ongadalulwanga okuthiwa wadutshulwa wabulawa eBerea ngoMashi nyakenye.
Kusolwa ukuthi oNdimande laba yibona kanye ababonakala bedubula u-AKA noTibz ngobusuku besigameko.
Babhekene namacala okubulala, awokuhlanganisa itulo lokubulala, ukuphatha isibhamu esingekho emthethweni nokuphatha izinhlamvu ezingekho emthethweni.
Ummangalelwa wokuqala, uMnuz Lindokuhle Thabani Mkhwanazi (30), noma kungacaci ukuthi wabamba liphi iqhaza kodwa wakhokhelwa uR133 000 emuva kwesigameko. Imali yayivela komunye wabamangalelwa osolwa ngokuba wumdidiyeli.
Ummangalelwa wesibili, uMnuz Lindani Zenzele Ndimande (35), naye wathola ivenge likaR 133 000. Uphenyo lwamaphoyisa lukhombisa ukuthi iselula yakhe iveza ukuthi wayekhona endaweni yesigameko futhi waxhumana nomunye wabamangalelwa.
Ummangalelwa wesithathu nguMnuz Siyanda Eddie Myeza (21) okungacaci ukuthi yena wabamba liphi iqhaza kulolu daba. Ummangalelwa wesine, uMnuz Mziwethemba Harvey Gwabeni (36), kuthiwa nguyena umdidiyeli owayehlela konke, ekhokhela abantu imali.
Ummangalelwa wesihlanu, uMnuz Lindokuhle Ndimande (29), kuthiwa wayekhona kulandelwa u-AKA esuka esikhumulweni sezindiza eya ehhotela nasendaweni yokudlela agcina edutshulelwa kuyo.