NJENGENJWAYELO, ziphinde zabakhalela abakhonze amanzi amponjwana namaxhwele ngesikhathi uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, ethula isabelomali.
UGodongwana umemezele ukunyuka kotshwala nogwayi ngesikhathi ethula isabelomali, ePhalamende Kapa.
Kuzonyuka yonke inhlobo yotshwala kuphinde kunyuke nezinhlobo ezehlukene zikagwayi, nokusho ukuthi kuzoguga iphakethe kwababhemayo nabaphuzwayo ngenyan ga ezayo.
UGodongwana umemezele ukuthi ubhiya uzonyuka ngo-16 cents, ugologo unyuke ngo-R5.95, iwayini lizokwenyuka ngo-48 cents, bese kuthi iwayini elihlohlozayo lona linyuke ngo-90 cents.
Isigazu sizonyuka ngo-R8.49, inqawe izonyuka ngo-50 cents, iphakakethe likagwayi linyuke ngo-R1.40, bese kuthi uketshezi olufakwa kugwayi ophafuzwayo lona lunyuke ngo-14 cents.
UGodongwana unyusa le mali nje, amaxhwele nabakhonze amanzi amponjwana bebekhalile, bemcela ukuthi abanikeze ushwele kulokhu.
Inhlangano i-Tax Justice ikhale ngokuthi amaxhwele nabaphuzayo bahlezi beshayeka uma kunesabelomali.
Umsunguli we-Tax Justice, uMnuz Yusuf Abramjee, uthe uhulumeni kufanele uyeke ukuqinisela isandla abantu ababhemayo nabaphuzayo, wathi uhulumeni kufanele ulwe nokusabalala kukagwayi notshwala okungekho emthethweni kuleli.
U-Abramjee uthe uhulumeni angaqoqa intela ewu-R100 billion uma engaqeda ukudayiswa kukagwayi notshwala okungombombayi.
"Kwenyuke kakhulu ukudayiswa kogwayi notshwala obungekho emthethweni. Lokhu kwenziwa ukuthi abantu abaningi babalekela ukukhokha intela. Ukujezisa abantu abathenga ugwayi notshwala obusemthethweni angeke kusize ngalutho. Empeleni kuzokwenza ukuthi bonke abantu begcine sebethenga ugwayi notshwala obungekho emthethweni."