IMEYA yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, iphonsele inselelo abantu ukuthi basukume balwe nobugebengu, bavikele imiphakathi abahlala kuyona.
UKaunda uthe imiphakathi ayikwazi ukuthi ibe ikamachanca kukhale isicathulo sezigebenggu.
Usho kanje eseDurban Exhibition Centre, eThekwini, izolo, ngesikhathi evula ingqungquthela yezinsuku ezimbili elwa nobugebengu ibheka nendlela abantu abahlalisene ngayo.
Ukhuthaze abantu ukuthi balwe nobugebengu besebenzisana namaphoyisa awacele ukuthi nawo awaziqhelelanise nezenzo zobugebengu uma kukhona enza lokho.
UKaunda ube esephonsela inselelo abantu abasemagunyeni okuphathwa kwezwe ukuthi bashintshe uMthethosisekelo wezwe khona uzovikela abantu abahlwempu.
Lo mholi uthi njengamanje uMthethosisekelo uvikela omacaphunakusale bese uvalela ngaphandle abantu abahlwempu.
“UMthethosisekelo wethu udume umhlaba wonke, uyahalaliselwa kuthiwa muhle yilabo ofezekisa izinhloso zabo. Imithetho yethu inika amandla izigebengu,” kusho uKaunda.
Wenze umzekelo ngokuthi uma iphoyisa lidubula isigebengu ngenhloso yokuvikela abantu abasuke besengcupheni yokwenzakaliswa ekugcineni kumele lichaze ukuthi kungani lidubulile?
UKaunda uthe akasho ukuthi amaphoyisa awadubule abantu kodwa ekugcineni yiwona aba ngabagilwa ngenxa yendlela umthetho osebenza ngayo.
UMajor General T Mathonsi, osuka ehhovisi lamaphoyisa kuzwelonke, uthe okwabo ukulwa nobugebengu nodlame baphephise abantu.
UMathonsi uthe nabamabhizinisi kumele bakwazi ukuhweba ngokukhululeka ukuze kudaleke imisebenzi, kunciphe ubugebengu.
Abayingxenye yengqungquthela kubalwa amaphoyisa eSAPS nakamasipala, izinhlaka ezilwa nobugebengu emphakathini, amakhansela, abaholi bendabuko, abamabandla, osomabhizinisi, izinhlangano ezingenzinzuzo, abeminyango kahulumeni, nabanye.