KUSOLWA iqembu lemigulukudu elihlalise lubhojozi umphakathi waKwaMashu, elingena izikole liphange othisha futhi ligebenge abasebenzisa umgwaqo uDumisani Makhaye.
Lokhu kuvezwe umthombo weSolezwe osezinhlakeni zezokuphepha ocele igama lawo ligodlwe.
Uveze ukuthi laba besilisa bafike benze ukuganga bese beyabaleka bayocasha ehostela laKwaMashu.
Esehlakalweni sakamuva kuthiwa bajamelane namaphoyisa amabili angabaseshi akade ezolanda iselula ebikadwe ikhuthuzwe umuntu ebizisho ukuthi isehostela.
“Iqulu lezigebengu, ebelihlome ngezibhamu, livele lawagolozela amaphoyisa okudingeke ukuthi ahlabe umkhosi abize amanye kwayimande zidla phansi. Sezibhubhisile, zibamba nabantu emgwaqweni uDumisani Makhaye,” kubeka umthombo.
Uqhube wathi izigebengu zisanda kungena esikoleni eMukelani Primary, zaphanga othisha amaselula nemali.
Kuthiwa azigcinanga lapho, ziphinde zasebenzisa amaselula othisha zazithumelela imali ngohlelo lwe-app. Kulowo mnyama kuthiwa othisha bebekhonjwe ngezibhamu.
Isolezwe selibike kaningi ngobugebengu okuthiwa bugubuzele ihostela laKwaMashu nokubulawa kwabantu. Kukhona asebeze balifanise nokuthi kukwaLasha.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe abakwasidlodlo basebenzisana namalungu omphakathi ukuze kunqandwe ubelelesi emgwaqweni uDumisani Makhaye.
Uqhube wathi kule ndawo kudunwa izimoto, abantu babanjwa inkunzi abanye bagcine begwazwa noma bedutshulwa.
“Sikhulumile nabasesiteshi samaphoyisa sendawo ukuthi kumele kuhleze kuphithizela iphoyisa kusukela ngo-6 ebusuku okuyisikhathi okuqala ngaso ubelelesi. Le nto ibikade yenzeka ngezimpelasonto kuphela, manje seyenzeka nsuku zonke,” kusho uNetshiunda.
Uhlabe ikhwelo elibhekise emphakathini, wathi awugweme ukusebenzisa lo mgwaqo ebusuku uma kungekho okuphuthumayo.
“Kungenjalo kumele bahambe bengamaqoqo. Uma kukhona abakusolayo bashayele ucingo amaphoyisa noma bazame izindlela zokuthi baphephe. Bangazami ukuphindisela ezigebengwini,” kusho uNetshiunda.
Mayelana nemibiko ethi abantu ababodwa abenza lobu bugebengu elokishini laKwaMashu, uNetshiunda uthe uma kwenzeka ubugebengu amaphoyisa ashona khona bese eyacubungula enze uphenyo kubhekwe nembangela.
Uthe ihostela laKwaMashu bese lithule isikhathi eside ngoba basebenzisana nabantu abahlala ngaphakathi kulona.
“Uma kunezigilamkhuba kunoma iliphi ihostela, eziphuma zenze ubugebengu ngaphandle, abantu abanikeze amaphoyisa lolo lwazi khona ezoya eyozibopha,” kusho uNetshiunda.