USUHLALELE ovalweni umphakathi waseMzinyeni, eJozini ngenxa yengwenya okuthiwa isikhiphe isidumbu, yalimaza kanzima owesifazane okuyimanje usesimweni esibucayi esibhedlela.
Le ngwenya kuthiwa iqale ukubonakala ngasekupheleni konyaka odlule ezibukweni elisemfuleni uPhongolo.
Isolwa nangokudla inkomo eyabonakala iyidephuna emfuleni ngenyanga edlule kanti kunomlisa wasendaweni uMnuz Bhukwana Mpontshana (60) onyamalale ngonyaka odlule.
Abantu Isolezwe ngeSonto elikhulume nabo, baveze ukuthi kulukhuni ukungayi kulo mfula ngenxa yokuthi amanzi bawakha khona baphinde bawele kuwo uma beya emasimini abo angaphesheya kwawo.
NgeSonto eledlule kuthiwa bekungcwatshwa uMnuz Thembinkosi Nkanini (51) okuthiwa unqanyulwe umlenze wangakwesokudla yiyo le ngwenya ngesikhathi egeza emfuleni.
Ingoduso kamufi, uNksz Nomusa Gumede (52) ithe kusenzima ukwamukela isimo njengoba uNkanini bemngcwabe engasenawo umlenze. “Ubaba wayeye emasimini ngasemfuleni. Uthe eqeda ukusebenza wabe esebhava emfuleni. Sezwa sekuqhuma isililo siqhamuka ngasemfuleni singazi ukuthi nguyena. Abantu bashaya ucingo bathi ake siyobheka ngoba bagcine bebona yena eya ngakhona. Umfana esasimthumile wamthola eseshonile, ebambelele ngasesihlahleni umlenze ungasekho."
Osinde emlonyeni wale ngwenya uMnuz Gayisa Mthethwa, usephenduke iqhawe endaweni ngemuva kokuhlenga intombi yakhe uNksz Joyce Ndlovu olinyazwe kanzima yile ngwenya emasontweni amathathu adlule.
UMthethwa uthe uNksz Ndlovu wayemphelezele eyodoba emfuleni ngesikhathi ehlaselwa ingwenya.
“Sasikhipha udobo emfuleni ngesikhathi kuqhamuka ingwenya. Yavele yagxumela uJoyce yamluma ethangeni. Ngaqunga isibindi ngayiqhamukela ngemuva ngayibamba ngqi imilenze, yasuka nesicubu sethanga likaJoyce. Ngathi akabaleke, ngasala ngayiphosa phansi. Yaqonda ngqo kimina, ngangilokhu ngishaya amanzi ngiyididisa. Ngasinda isithi igxavuna isandla sami ngasala nemihuzuko,” kusho uMthethwa.
Uthe akalali ebusuku ephupha ngalesi sigameko esacishe samphuca isinqandamathe sakhe seminyaka emihlanu.
Iphoyisa lenduna, uMnuz Mphikwa Mpotshana (58), lithe banxusa uhulumeni ukuthi ubahlinzeke ngamanzi, ubakhele nebhuloho lokuwela kulo mfula.
UMpotshana uthe kunomfowabo asebemfune bancama kusukela ngonyaka odlule, abasola ukuthi wadliwa yiyo le ngwenya.
Ikhansela lika-ward 10, uMnuz Jabulani Mkhwamubi, lithe sekukaningi libikela abezilwane ngale ngwenya. “Sebeke bafika bayicupha kodwa lutho ukuyibamba. Sesiqala ukusola ukuthi ayiyodwa. Inkinga impilo yabantu ilapha emfuleni ngoba bakha khona amanzi, balime, bageze badobe nezinhlanzi. Uma kushisa abantu babhukuda khona. Akuyona ingwenya yodwa kodwa kukhona nemvubu esihlalise kabi,” kusho uMkhwamubi.
AbeKZN ezeMvelo Wildlife abatholakalanga ukuthi baphawule ngale ngwenya.