IYASHIYANA imibono ngokuvulwa kwendawo yokuphuza abesifazane kuphela evulwe eSoweto njengenxenye yokugubha inyanga yabantu besifazane.
Le ndawo ebizwa ngeShe-been yaziwa ngeRockerFella Tavern ilungiswe kabusha ngabaphisi botshwala iBrutal Fruit Spritzer ukuze ibe 'ishibhi' labesifazane kuphela njengoba
kuyinyanga yabesifazane.
Inhloko ebambile kwiBrutal Fruit Spritzer, uNkk Candice van der Bosch, ithe umbono wokuthi le ndawo yenziwe ibe ngeyabesifazane kuphela ngale nyanga yabo ususwe ukuthi abesifazane bathi bayafisa ukuthi bake babe bodwa endaweni yokuphuza ukuze bakhululeke, bangakhathazeki ngokuthi kukhona ongabafakela okuthize eziphuzweni zabo noma babathintathinte.
Lolu cwaningo uthe luvele kwiGlobal Health Index yeminyaka eyedlule, olunye ulwazi baluthole emakhasimendeni abo angabantu besifazane uma behambele ezindaweni zokuphuza, base bethatha lolo lwazi balusebenzisela ukuthi bazwise abesifazane into abayifisayo.
" Inhloso yethu ukuthi kukhulunywe ngokuthi kungenzeka yini ukuthi kube nezindawo zokuzithokozisa zabesifazane kuphela noma kube isiqalo sokuthi into enjengale ibe khona ngokuthi kube nendawo ebhekela izidingo zabesifazane," kusho yena.
Uthe kwababambe iqhaza, kukhona ne-SAB ngokusebenzisa uhlelo i-Responsible Trader Programme, abazobheka ukuthi zingaki izikhungo ezizokwamukela isisombululo.
UNkk Van den Bosch uvumile ukuthi kungathatha isikhathi eside ukuthi kube nezindawo ezinjengale.
UNksz Zoleka Lisa wakwaSAB, uthe: “Ngokocwaningo lwethu lwezinhlelo zokuhweba ezinomthwalo ohambisana nemithetho, sicwaninga abathengisi abangu-30 000 minyaka yonke mayelana nokulandelwa kwenqubo yokuhweba eyiyo. Uma senza lokhu kulapho kuye kuvele khona isidingo sokwenza izindawo eziphephile zabesifazane, okuhlanganisa ukukhanya okwanele noma ukuphepha okubonakalayo. Kusukela manje izindawo ezilandela lokhu zizoklonyeliswa ngeShe-been status” kusho uLisa.
UNksz Nokwanda Gambushe weSisonke Gender Justice KwaZulu-Natal, uthe kuyajabulisa ukuvulwa kwendawo enjengale ngoba kuzosusa nomcabango wokuthi abesifazane abakwazi ukuzithengela utshwala.
" Abantu besifazane bayakwazi ukuzithengela izinto abazithandayo kuhlanganisa nabo utshwala. Emiphakathini yethu kwaziwa ukuthi amantombazane ayaxabana uma ewodwa, indawo enjengale ingakwazi ukuthi ikhombise ukuthi abesifazane bayakwazi ukuhlangana endaweni yokujabula bebodwa uma befisa ukwenza njalo," kusho uNksz Lisa esitatimendeni.
UMbhishobhi Bheki Ngcobo wePhakama Zayoni Alliance, uthe ukuba khona kwendawo enjengale ngokubona kwakhe kungukuhlakaza isakhiwo somndeni okuqale ngokuthi izinyanga zihlukaniswe ngokuthi kukhona eyabesifazane neyamadoda.
" Uma umama ephuza kuleyo ndawo umyeni wakhe uzobe ekuphi. Okunye nje okumele kwaziwe ukuthi kwabanye utshwala benza bangakwazi ukuzilawula kusho ukuthi uma beficwa yileso sikhathi kuzoba khona abazophenduka benzise okwamadoda nokuyinto ewumndeni ongaqondile okuphambanayo nendalo kaJehova," kusho yena.
Uthe uma kungagcina kunezindawo ezinjengale kungabeka abesifazane engcupheni kakhulu ngoba kungakhona ababacuthelayo noma abangenayo kuzo lezi zindawo zokuphuza ngoba bazi ukuthi kukhona bona bodwa.
UMnuz Dumisani Zungu weMens Sector KwaZulu-Natal, uthe indawo enjengale izokwandisa ukuziphatha okungekona okuvele sekukhona emiphakathini.
“Ngokwesintu utshwala akuyona into yabantu besifazane, nabesilisa abaphuzayo bayahlonipha hhayi lokhu esikubonayo. Singamadoda kumele siyisukumele le nto sibambisene nomphakathi neNdlunkulu ngoba kuzolimala isizwe uma iqhubeka. Angifuni ukungena ekutheni uma abesifazane bebodwa lapho kuzokwenzekani,” kusho yena.