UMNYANGO waManzi nokuThuthwa kweNdle kuzwelonke, uzodlulisela kwikhabhinethi umthetho ochitshiyelwe okholwa ukuthi uzolekelela ekutheni kuhlinzekelwe ngendlela efanele umphakathi ngamanzi. Bakholwa wukuthi i-Water Services Amendment Bill, izoqinisekisa ukuthi izinkampani ezinikezwe umsebenzi wokuhlinzeka umphakathi ngamanzi, zinezimvume.
Lokhu kudalulwe nguNgqongqoshe womnyango uNksz Pemmy Majodina esithangamini nabezindaba ebesisePitoli izolo, okuthiwa bekuhloswe ngaso ukwenekela umphakathi ngamaqhinga umnyanoo onawo ukulwa nengwadla yokushoda kwamanzi kuleli.
UNksz Majodina uthe umnyango wakhe usebenza ngokubambisana nowezokuBusa ngokuBambisa neziNdaba zoMdabu kuzwelonke kanye nowezeziMali ukuthi bathole isisombululo sokushoda kwamanzi okubukeka kukhahlameza omasipala abaningi.
“Izinga lokuphakela amanzi komasipala nokuthuthwa kwendle liyaqhubeka nokwehla. Sizokwethula lo mthetho ochitshiyelwe kozakwethu kwikhabhinethi ngaphambi kokuthi udluliselwe ephalamende. Uzophoqa ukuthi izinkampani eziphakela umphakathi ngamanzi zibe nezimvume zokusebenza kulula. Kuzonika abasemandleni ilungelo lokuthi babhekisise ukuthi izinkampani ezinikezwa umsebenzi wokuhlinzeka ngamanzi, zinamava adingekayo ahlangabezana nokwenza lo msebenzi,” usho kanje.
Uthe ngaphambi kokuthi banikezwe umsebenzi, kuzobhekwa ukuthi banazo yini izimvume ezibavumela ukusebenza.
Ukuvaleka kwamanzi, ikakhulu komasipala abakhulu kubalwa nowaseThekwini, kushiye inqwaba yamalungu omphakathi ekhathazekile ngoba kwezinye izindawo amanzi aphuma ngezikhathi ezithile kuphela, kanti kwezinye awasaziwa.
UNksz Majodina uthe umnyango wakhe usebenzisana nezinkampani ezizimele neminye iminyango kahulumeni ukuqinisekisa ukushintshwa kamapayipi amadala, avuzayo komasipala abakhulu ngoba ukuchitheka kwamanzi ngalolu hlobo yikhona okuyimbangela yokulahleka kwamanzi amaningi nokuyinto elimaza umnotho.
Mayelana nokuthuthwa kwendle, uthe umnyango wakhe usebenza kanzima ukususa uhlelo olubizwa nge-bucket system (ukuthutha indle ngebhakede), elenziwa kwezinye izifundazwe. Uthe umnyango usebenze nabacwaningi ukuthola izindlela ezilula nezinesithunzi zokuthuthwa kwendle okuwuhlelo oluzoqinisekisa ukuthi azikho izitamkoko ezivuzayo futhi lukwazi ukonga amanzi.