Kususwe abantu abangu-105 emakhaya abo bayobekwa ezindaweni eziphephile kugasela enye imvula enamandla eMnambithi, ngoMsombuluko.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu eKZN, uMnuz Siboniso Mngadi, uthe amathimba abo atshalwe ezindaweni ezehlukene, atakule abantu abangu-15 eSteadville, ayobabeka ehholo lomphakathi.
Uthe naseMatiwane kuthuthwe abangu-23 nabo bayobekwe ehholo lomphakathi ukuze baphephe.
Nasenkabeni yedolobha laseMnambithi, uthe kuhlengwe abangu-70, bayobekwa e-Indoor Sport Center ukuqinisekisa ukuthi baphephile.
Uqhube wathi emva kokuqaphela ukuthi inqwaba yamanzi ibichithekela edolobheni, kugcine kuvalwa inqwaba yemigwaqo kubalwa noN11 ophakathi koMnambithi neNewcastle.
“Eminye yemigwaqo izoqhubeka nokuvalwa njengoba idolobha lisagcwele amanzi,” kusho uMngadi.
Uthe ithimba lezinhlekelele ezingeni lesifundazwe ngokubambisana nenhlangano engenzinzuzo, i-Al-Imdaad Foundation for Disaster ne-South African Red Cross, bahambise usizo olukhona kulo nezingubo zokulala nomatrasi kulabo abakhahlamezekile.
Kuvela ukuthi naseMsinga, igadlile imvula enamandla njengoba kwesinye isigameko, kuthuthwe abantu ebebehlala emiqashweni eyakhelene nomfula uThukela obese udla izindwani.
UMngadi uthe amathimba abo asaqhubeka nokuqapha isimo, wathi okwamanje abakatholi mbiko wabashonile noma abalimele.
“Asaqhubeka nokuhlola umonakalo amathimba ethu ezinhlekelele ukuqinisekisa ukuthi awukho yini umonakalo odaleke ezindlini, emabhizinisini kanjalo nengqalasizinda,” usho kanje.
UNgqongqoshe walo mnyango, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, uthe bakushayela ihlombe ukusebenza ngokuzikhandla kwamathimba ezinhlekelele ukuqinisekisa ukuthi kuhlengeka impilo.
“Sisanda kulahlekelwa inqwaba yabantu KwaZulu-Natal ngesikhathi samaholidi ngesimanga sayo imvula, ukuhlengwa kwezimpilo kusemqoka. Sinxusa imiphakathi ukuthi ibambisane nathi, ikuhloniphe eyalelwa ukuba ikwenze, ukuze iphephe,” kusho uNkk Sithole-Moloi.
Uthe emva kokubhekwa kwalabo abakhahlamezekile, bazobe sebenikwa usizo abaludingayo.
Wathi imvula ayikapheli, wanxusa imiphakathi ukuthi iqhubeke iqaphele, ithuthele ezindaweni eziphephile uma lina.
NgokweMeya yoMasipala i-Alfred Duma, uMnuz Zama Sibisi, uyedwa ongakatholakali kulabo ababemuke namanzi kule ndawo ngesikhathi samaholidi.
USibisi uthe umasipala ngokubambisana nomphakathi, basaqhubeka nokumbheka lona ongakatholazkali.
Ebalula ngeminye yemigwaqo esavaliwe, uthe uCemetery, Poona, Riverbank, Princess, Forbes, Alexandra no-N11.