KUPHOQELEKE ukuthi lihlehliselwe inyanga ezayo icala lobekade eyiphoyisa oboshelwe icala lokushaya abulale unina KwaDabeka, eClermont, imantshi ingabonwa nangalukhalo enkantolo.
Imantshi u-Bilkish Asmal ayifikanga eNkantolo yesiFunda, ecaleni elithweswe uMnuz Lungisani Xaba (48).
Ngesonto eledlule, imantshi yalihlehlisela usuku lwayizolo icala ukuze kwenziwe izindlalelo zokuqala kokuqulwa kwalo emuva kweminyaka emibili lisenkantolo linganyakazi.
Kube sekubekelwa uSepthemba 11 nonyaka, ukwenziwa kwalolu hlelo. Kwenzeka lokhu emasontweni edlule, imantshi ibisanda kukhala ngokubambezeleka kwecala ithi kuqhamuka ohlangothini lukaXaba.
Yathi kusukela ngoNovemba 11, 2022, lifika enkantolo yalo, akunamnyakazo ngakho kumele kube khona okwenzakalayo.
Izolo, abomndeni kaXaba baphume edangele enkantolo kwazise baze bathola ngephoyisa elisebenza enkantolo ukuthi selihlehlisiwe icala.
Lokhu kubangelwe ukuthi wona abekade ehlezi ngaphandle kwenkantolo okuvamise ukulalelwa khona leli cala elishintshelwe kwenye izolo.
Yize kunjalo bathe bazolokhu begqigqa enkantolo ngoba ekugcineni bafuna ukwazi iqiniso lokuthi uXaba ‘wambulalelani unina’, uNkk Greta Xaba (81).
Kusolakala ukuthi ummangalelwa washaya unina, owayehamba ngesihlalo esinamasondo ngenxa yokukhubazeka, ngepulangwe elalinezipikili ngoLwesihlanu ngoMeyi 6, 2022.
Waboshwa ngakusasa wabekwa icala lokushaya ngenhloso yokulimaza elashintshwa laba ngelokubulala umufi eshona esibhedlela ngoMeyi 8, 2022.
UXaba usenqatshelwe ibheyili amahlandla amabili futhi useshintshe abameli izikhawu eziningi.
Kamuva usanda kubhokela izintatheli wazikhomba, ebuza kummeli wakhe ukuthi zivumelekile yini ukuba senkantolo zibike ngecala athweswe lona?