KUTHUNGATHWA umfana oneminyaka emibili oduke epulazini likamoba kade edlala nezinye izingane ngoMsombuluko ekuseni.
U-Ibongwe Ntanga kuthiwa ubeshiywe ngaphansi kwesandla somuntu obemgadile epulazini abahlala kulona eGlendale, KwaDukuza.
Kuthiwa le ngane ibe isiya kodlala nezinye izingane, ezigcine ziyishiyile zaya kodlala kwelinye ipulazi likamoba.
UMnuz Keith Pillay wabezimo eziphuthumayo kwa-IPSS Medical Rescue, uthe ingane iduke ngezithuba zabo-7 ekuseni.
UPillay uthi babikelwe ukuthi ingane izame ukulandela ezinye izingane ebikade idlala nazo ebese ziyidukelile.
Uqhube wathi le ngane itholwe omunye wabantu abasebenzayo futhi abahlala kuleli pulazi okubikwa ukuthi uyithathile wayoyibeka eduze kwendlu okuhlalwa kuyona, kwaba wukugcinwa kwayo ukubonakala.
“Sibikelwe lolu daba singabezimo eziphuthumayo saqala sathungatha ingane ngokubambisana nethimba labatakuli eliqhamuka emaphoyiseni. Kusukela ngoMsombuko kuze kube manje (ngoLwesithathu) ayikatholakali ingane,” kuchaza uPillay.
Udalule nokuthi kube khona uMsamariya ovolontiye ngokuthi kusetshenziswe indiza yakhe enophephela emhlane amahora amabili kuthungathwa u-Ibongwe indawo eyikhilomitha ezungeze lapho kuhlalwa khona kodwa wangatholakala.
UPillay uthe emuva kokuphuma inqina likaMabuyaze izinsuku ezimbili zilandelana, bagcine bethatha isinqumo sokuthi bashiye ezandleni zamaphoyisa ukuthi kube yiwona aqhubeka nophenyo ngokunyamalala kwengane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo ukuqinisekisile ukuduka kwengane, wathi amaphoyisa ayaqhubeka nokuyithungatha.
“Igcine ukubonakala ngoMsombuluko ekuseni ngo-7 idlala nezinye izingane. Sicela noma ngabe ubani onolwazi olungalekelela ekutholeni ingane ukuba aludlulisele emaphoyiseni,” kusho uConst Ngcobo.
Uthe abantu bangashayela inombolo yocingo yasesiteshini samaphoyisa saseGlendale ethi: 032 947 9001 noma kweyakaCrime Stop ethi: 08600 10111.