IMEYA kaMasipala wasoPhongolo uNksz Velephi Sikhosana kuthiwa ifunwa uthuli yisikhonzi senkantolo emuva kokuphuma komyalelo wokudliwa kwempahla yayo ngenxa yesikweletu sikaR80 000.
Isolezwe ngeSonto linamaphepha eNkantolo yeMantshi yasoPhongolo ayalela isikhonzi senkantolo ukuthi sidle impahla emuva kokuhluleka wukukhokha.
Isolezwe ngeSonto lithole ukuthi imeya yafika kuNksz Qaphelile Patricia Mafuleka icela ayiboleke imali ukuze ikwazi ukukhankasa. UNksz Mafuleka ungusomabhzinisi omncane endaweni futhi kuthiwa imeya ubeyijwayele.
UMasipala wasoPhongolo usezandleni ze-IFP okuyiyona ejube uNksz Sikhosana esikhundleni semeya. Ebuzwa ngalolu daba uNksz Sikhosana, uthe akazi ngesikhonzi senkantolo okuthiwa sifuna ukudla impahla yakhe, uyakuqala nokuthi sigqigqa emzini wakhe.
“Bengingakezwa ngalokho, empeleni angiphilile kahle ngihamba odokotela ngenxa yokugula kwami. Angiyazi indaba yokuthi ngibalekela isikhonzi senkantolo,’’ kusho uNksz Sikhosana, ekhulumela phansi kakhulu. Uthe indaba yesikweletu uzoyibona uma eseluleme kahle.
Amaphepha enkantolo aveza ukuthi imeya ikweleta uNksz Mafuleka imali ababebolekene yona. Kuvela ukuthi inkantolo ike yamnqumela ukuthi akhokhe imali kodwa kwaze kwedlula leso sikhathi njengoba isikhipha isinqumo sokudliwa kwempahla.
UNksz Mafuleka okunguyena okweletwayo uthe isikhonzi senkantolo sesiye kaningi emzini wemeya kodwa ayitholakali, useyasola ukuthi iyabaleka.
"Kuhlala kuthiwa ayikho imeya, kade ikhona yahamba. Manje kufike kube nzima ukuthi isikhonzi senkantolo siqhube umsebenzi waso uma ingekho. Umthetho awuqhubeke nomsebenzi wawo kudliwe yona impahla ngoba ngiyayidinga imali yami, ngamenzela ubuntu kakhulu lo muntu,’’ kusho uNksz Mafuleka.
Kuvela nokuthi imeya isibuye ingabi khona emsebenzini kubambe iPhini leMeya uMnuz Bheki Thwala.