KUBE yinjabulo ngoLwesine kuvulwa isikole samabanga aphezulu esilungiswe kabusha, saba nobuchwepheshe besimanje obusezingeni, i-Dr J.L Dube High, KwaMashu, okubikwa ukuthi kudle imali elinganiselwa kuR75 million ukusilungisa.
Ekhuluma emcimbini wokwethula lesi sikole emphakathini osakhele, uMphathiswa wezeMfundo uMnuz Sipho Hlomuka, ushayele ihlombe zonke izinhlaka ezibambe iqhaza ekutheni silungiswe, ikakhulu inkampani exhasile ukwakhiwa kwaso i-Cotton on Foundation, eminyakeni emibili edlule.
“Sibonga uhulumeni ukubeka phambili imfundo yezingane zethu ngokuthi kungabi yizikole zasemadolobheni kuphela eziba sezingeni eliphezulu njengalesi. Okunye okusijabulisayo wukuthi lesi sikole asizokuba sihle kuphela, ngoba siyaziwa ngokukhiqiza imiphumela emihle, njengoba senzile ngonyaka odlule kuphasa wonke umfundi kamatikuletsheni kusona,” kusho uHlomuka.
Uthishanhloko wesikole, esasungulwa ngo-1979, futhi esinabafundi abawu-1 325 nonyaka, uMnuz Sipho Magwaza, uthe uswele amaphiko okundiza ukukhombisa ukuthi ujabule kangakanani ngomsebenzi omuhle owenziwe kusona.
“Lokhu kuzosilekelela kakhulu ukuthi sikwazi ukukhiqiza imfundo esezingeni eliphezulu njengoba isikole sethu sesenziwe ngendlela yokuthi sihambisane nobuchwepheshe esikubona kwamanye amazwe njengoba kuzofundwa ngamakhompytutha, ukusiza ukuthi abafundi esibakhiqizayo baphume sebekulungele ukubhekana nezimo zempilo esiyiphilayo manje,” usho kanje.
Ikhansela elakhele ku-ward 40, lapho okwakhiwe khona lesi sikole, uMnuz Siyezwana Mzimela, uthe umsebenzi owenziwe kulesi sikole uzosiza kakhulu ukukhiqiza abafundi abazoba nekusasa eliqhakazile, babuye benze umehluko emphakathini.
Omunye wabazali bezingane ezifunda kulesi sikole, uMnuz Bongani Majola, naye ubonge kakhulu umsebenzi owenziwe, athe uzolekelela kakhulu izingane zabo ukuba nekusasa elihle.
UMagwaza ugcizelele ukuthi kumanje sebeqedile ngohlelo lokubhalisa abafundi abazofunda esikoleni sabo ngonyaka ozayo, ukukhombisa ukuhleleka nokubeka imfundo phambili.