Ukuhlolwa kwezindawo ezikhahlanyezwe yizikhukhula njengezivelelwe yinhlekelele, kuzophoqa ukuthi omasipala abathintekayo bahlele kabusha isabelomali sabo ukuze kulungiswe ingqalasizinda ecekeleke phansi.
Lokhu kuza ngemumva kokuthi uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke, uNksz Thembi Nkadimeng, ehambele eMnambithi eyohlola umonakalo odalwe yizikhukhula.
UNksz Nkadimeng uthe omasipala abafana noThukela, iLembe, Ugu, uMzinyathi neTheku bahlonzwe njengezindawo zenhlekelele.
Uthe uMasipala wasoThukela yiwo okhahlamezeke kakhulu, ngesibalo sabangu-26 abashone ngenxa yezikhukhula.
“Ngokugunyazwa uMthetho wezeziNhlekelele, ukuhlonzwa kwalezi zindawo njengezivelelwe inhlekelele kuzonika igunya omasipala bazo ukuthi bahlele kabusha isabelomali sabo ukuze babeke eqhulwini umsebenzi wokulungiswa kwengqalasizinda ekhahlamezekile,” kusho yena.
Uqhube wathi lokhu kuzophinde kulekelele ekutheni labo masipala bakwazi ukuthola uxhaso lwemali eyengeziwe kuhulumeni wesifundazwe kanjalo nakuhulumeni kazwelonke ukuze bakwazi ukulungisa ingqalasizinda efana nemigwaqo, amabhuloho nemizi yabantu ekhahlamezekile.
Uthe yize amathimba ezinhlekelele esaqhubeka nokuhlonza umonakalo odalekile kodwa imibiko engakapheleli iveza ukuthi ungadla izigidi ngezigidi umonakalo uma kubukwa isifundazwe.
“Okwamanje umbiko osaqoqwe oThukela, uveza ukuthi ingqalasizinda ekhahlamezekile ingaphezu kukaR2 billion. Kulokhu kubalwa imigwaqo, amabhuloho, izikole nemizi yabantu,” kusho uNksz Nkadimeng.
Ubuye wabalula nokuthi amabhuloho ekhele uthelawayeka uN11 eMnambithi akhahlamezekile, wathi ukulungiswa kwawo kufanele kwenzeke ngokushesha.
Uthe kuyakhathaza nokho ukuthi ngesikhathi bephezu kwezinhlelo zokulungiswa komonakalo kodwa izikhukhula azikapheli.
Uphethe ngelithi, kuzothi uma sebeqoqe lonke ulwazi ngomonakalo, balandela nayo yonke imigudu efanele, bese befaka isicelo kuMengameli wezwe uCyril Ramaphosa ukuthi amemezele ngokusemthethweni ukuthi izingxenye ezithize zesifundazwe ziyizindawo zenhlekelele ukuze noMgcinimafa neminye iminyango kahulumeni izolekelela.
UMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi, uthe bakushayela ihlombe ukusondela kukahulumeni ezingeni likazwelonke ukuzozibonela umonakalo odalwe yizikhukhula.
Uthe kungabathokozisa ukuthi uRamaphosa amemezele ngokusemthethweni ukuthi lezi zindawo zivelelwe inhlekelele ngoba umonakalo odalekile ubiza izindodla zemali, omasipala abakhahlamezekile abangenayo.