UNGGONGQOSHE woMnyango wezeMpilo esifundazweni uDkt Sibongiseni Dhlomo, usecele ukuthi imindeni enezihlobo ezidlule nezikhukhula zivele obala ukuzokhomba izidumbu emakhazeni.
Isitatimende esithunyelwe umnyango siveza ukuthi kwabangu-51 asebeshonile kusukela kuqale izikhukhula esifundazweni, kunezidumbu ezingu-36 ezisemakhazeni kahulumeni ePinetown. Kuthiwa lezi zidumbu zithathwe eChatsworth, Malvern, Mariannhill nakwezinye izindawo eThekwini. Kuvela ukuthi emakhazeni akuMagwaza Maphalala (Gale) Street, kunezidumbu ezingu-15. Kuzona kukhona ezithathwe eMlaza, Reservoir Hills, Overport, Bluff nakwezinye izindawo.
Ungqongqoshe uveze ukuthi osonhlalakahle bami ngomumo ukwamukela nokwaluleka ngokomqondo imindeni ezokhomba izidumbu zayo emakhazeni ahlukene.
“Lesi yisikhathi esinzima kakhulu kodwa senze konke ukulungiselela imindeni ethintekile,” kusho ungqongqoshe.
IKwaZulu-Natal ihlaselwe yimvula enamandla kusukela ngempelasonto yePhasika, okuholele nasekutheni kushone amakholwa angu-13 ePentecostal Holiness Church eMpangeni, ngesikhathi kudilika isakhiwo sesonto.
NgoMsombuluko izimvula ziqhubekile zahlasela naseThekwini, kwadilika imizi.
Kungenelele zonke izinhlaka neminyango kahulumeni ukusiza abashonelwe. Kudingeke kungenelele noMasipala waseMsunduzi noweLembe ukuze kusizakala abathintekile. Isimo asikabuyeli kwesijwayelkile njengoba eminye imigwaqo igugulekile, kwawa izihlahla zavimba imigwaqo, kwadilika nezakhiwo eThekwini. Kwezinye izindawo kucishe ugesi kwaphela namanzi ngenxa yalesi simo sezulu.
Eminye imindeni esale dengwane isabekwe emahholo omphakathi lapho kuthunyelwa khona usizo. Ngesikhathi sokuloba abethimba lezinhlekelele esifundazweni bebengakawuphothuli umbiko wokuthi mngakanani umonakalo odaleke ngalezi zikhukhula.