UKUSHAYELE ihlombe ukufakwa kwemibhoshongo yamaselula eyisishiyagalombili eMkhanyakude umphakathi wakule ndawo.
Inkampani yamaselula, iMTN imemezele ukuthi isiqedile ukufaka imibhoshongo ezindaweni ezehlukene ezakhele uMkhanyakude, okukhona kuzo neManguzi, okudlula kuyo izimoto ezebiwe ziyiswa eMozambique.
Osethimbeni elilwa nobugebengu bokweqiswa kwezimoto emngceleni, uMnuz Joseph Ngubane, uthe iMTN ibasisizile ngokufaka imibhoshongo.
“I-network eManguzi iyinkinga. Ihlupha impela nje, wagudluka kancane edolobheni, ayisekho. Lokhu kuzosilekelela kakhulu,” kusho uNgubane.
Uqhube wathi kona ubugebengu bokweqiswa kwezimoto emngceleni abusebubi njengakuqala.
“Kusukela kwalethwa ithimba lamaphoyisa azobhekana ngqo nalobu bugebengu, sibona kukhona umehluko omkhulu,” kusho uNgubane.
Enza isibonelo uthe, emasontweni amabili edlule kubanjwe izimoto ezimbili ngaseHluhluwe.
“Zombili zibanjwe ziyokweqiswa umngcele,” kusho uNgubane.
Uthe ithimba lamaphoyisa, lisekhona namanje futhi liyasebenza impela.
Oyisikhulu esiphezulu eMTN KwaZulu-Natal, uNkk Busi Dlamini uthe ngokufaka le ngqalasizinda benzela ukuthi kube lula ukuxhumana kubantu bendawo, kuphinde kube lula ukuthi izinhlaka ezehlukene zilwe nobugebengu bokweqiswa kwezimoto emngceleni.
“Isifunda saseMkhanyakude siyaziwa ngobugebengu bokweqiswa kwezimoto emngceleni. Enye yezingqinamba zezinhlaka ezilwa nalobu bugebengu bekuba i-network, ebiyenza kube nzima ukuthi kulwiwe kalula nobugebengu,” kusho uNkk Dlamini.
Uthe ukufakwa kwemibhoshongo kuzokwenza ukuthi kuxhumaneke kalula, abezinkampani zama-tracker abheka ukuhamba kwezimoto basebenze kalula kanjalo nokubikwa kobugebengu kufinyelele ngesikhathi esifanele ezinhlakeni.
Ubugebengu bokwebiwa kwezimoto buke badla lubi eManguzi.
Kuke kwaba nemibiko yokuthi abahamba ngezimoto ezingamaveni amakhulu kule ndawo, bebengenelwa emakhaya, baphucwe izimoto zabo. Kulezo zigameko, abagilwa bekuke kwenzeke ukuthi bathathwe bayolahlwa emahlathini akude.
Isigamekoi esadonsa amehlo abaningi, kwaba esokudutshulwa kukaMnuz Judah Mthethwa, owayesekhaleni lokulwa nalobu bugebengu. UMthethwa wangenelwa ekhaya lakhe wadutshulwa. Nokho bagwetshwa ngasekuqaleni kwalo nyaka abalahlwa yicala lokumbulala.