Kudutshulwe kwabulawa ufata webandla lamaKhatholika eqeda kubamba inkonzo yomthandazo wasekuseni e-Aquer-Park ngoLwesithathu ngabo-7 ekuseni.
Lesi sigameko kuthiwa senzeke eTzaneen, eLimpopo lapho umfundisi (38) ehlaselwe khona ngowesilisa ongaziwa.
Kuvela ukuthi ufata obulewe nguWilliam Banda odabuka eZambia.
Ekhasini leSt Peter’s Parish Catholic Church kuFacebook kufakwe isitatimende lapho bezwakalise khona ukushaqeka bechaza nangesigameko.
Abantu bazwakalise ukudabuka kwabo bephawula.
Umkhuzi wamaphoyisa eLimpopo uLieutenant General Thembi Hadebe uzwakalise ukushaqeka ngalokhu wayalela ukuthi kuphenywe ngokushesha ngesigameko.
Ngokwamaphoyisa, ufata uqede inkonzo yasekuseni namalungu ebandla wabe eseya egunjini lokushintshela lapho elandelwe khona ngowesilisa ongaziwa. Kuthiwa lona wesilisa umdubule kabili ekhanda ngaphambi kokuphela emehlweni.
Amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo baphuthumise umgilwa esibhedlela esiseduze lapho kufike kwaqinisekiswa khona efika ukuthi useshonile.
UHadebe ujube ithimba eliphenya ngokubulala nokubanjwa kwenkunzi ukuthi lihole uphenyo futhi libambe umsolwa.
Kunxuswa onolwazi ukuthi axhumane noLieutenant Colonel Richard Boshomane ku-079 894 5501 noma uWarrant Officer Phaladi Makola ku-082 749 2233 okanye abike esiteshini samaphoyisa esiseduze.