KUSOLWA umbango wezinkomo kubulawa ngokudubula induna yezinsizwa nephoyisa eKwandeni, eHammarsdale ngoLwesine ntambama.
Ngokusho komthombo, uMnuz Mfene ‘Meyili’ Ngcobo (59) uhlaselwe ngabafana abangaziwa kade behleli ngaphansi kwesihlahla nomngani wakhe oyiphoyisa, uXolani ‘Mashizolo’ Cele, okubonwa ngokusa kuyena.
“Laba bafana bafike bacela amanzi kuMeyili noMashizolo kodwa bathi bona abanawo. Bathe bangabaphuzisa i-drink ebifike noCele.
“Laba bafana benza sengathi bazophuza i-drink kodwa bafike badonsa izibhamu, badubula uMeyili esifubeni nasekhanda maqede baphendukela kuMashizolo,
naye bamdubula esifubeni nasemhlathini.”
Umthombo uthe uNgcobo ushone esendaweni yesigameko, kwathi uCele yena waphuthunyiswa esibhedlela saseThekwini isimo sisibi.
“Okwamanje besingakayazi imbangela kodwa uMeyili ubeke asho ukuthi kunabantu abamsongelayo njengoba enezinkomo eziningi endaweni.”
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Thulani Zwane, usiqinisekisile lesi sigameko athe senzeke ngo-Okthoba 3 ngezithuba zabo-3.50 ntambama.
“Iphoyisa belizihlalele nomlamu walo ngaphansi kwesihlahla eHammarsdale ngesikhathi behlaselwa ngabasolwa abangaziwa.
“Abasolwa bathe bathungatha izinkomo zabo ezilahlekile futhi babe sebecela amanzi. Ngesikhathi besaxoxa, abasolwa bavele bavulela inhlamvu, kwafa indoda eno-59 nephoyisa elilimale kabi maqede laphuthunyiswa esibhedlela ukuba liyolashwa.”
UZwane uthe kuvulwe icala lokubulala nelokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa saseHammarsdale.
Umthombo uthe uNgcobo, obesebenza ophikweni lukaMasipala waseThekwini oluphehla amanzi kwaWebber, ubeyinduna yezinsizwa ebidume iKwaZulu-Natal yonke ngoba ubebuye agide ingoma kanti uCele uyiphoyisa elidabuka KwaNgcolosi.
Omunye wamadodana kamufi kodwa ongagunyaziwe ukuphawula kwabezindaba, uthe uzoxhumanisa intatheli nomnewabo omdala.
Ucingo lomfwabo belukhala lungabanjwa muntu.