KUBOSHWE abathathu abasebenzela uMnyango wezaseKhaya eKokstad ngempelasonto besolwa ngokudayisa izitifiketi zokuzalwa zezingane.
Sebebane abasebenzi ababoshiwe kuleli hhovisi kusukela ngenyanga edlule ngecala elifanayo.
Kusolwa ukuthi abasebenzi bakuleli hhovisi ababoshiwe bebehlangana namalungu omphakathi bebhalisa izitifiketi zezingane esezikhulile okwaziwa nge-Late Birth Registration.
Lezi zitifiketi bezidayiswa ngemali ephakathi kukaR700 noR1700 sisinye.
Okhulumela amaHawks, uCaptain Simphiwe Mhlongo, uthe laba basebenzi nabesifazane abathathu baboshwe wuphiko lwamaHawks oluphenya ngamacala athinta imali iDurban Commercial Crimes Unit nophiko olulwa nenkohlakalo iCounter Corruption Team.
Izisebenzi zomnyango zisolwa ngokukhipha izitifiketi zeLBR ezingu-1070 ezingazange zidlule ekomitini elicubungula lezi zicelo. Zonke lezi zitifiketi zakhishwa kuleli hhovisi ngo-2016.
Amaphepha awubufakazi obugcinwayo ahambisana nokufakwe kwikhompyutha awekho.
Umsebenzi wokuqala kulaba abathathu kuthiwa ubandakanyeka ekukhipheni izitifiketi ezingu-578, owesibili usolwa ngokukhipha ezingu-374 owesithathu usolwa ngokukhipha ezingu-118.
Ngemuva kokuboshwa kwezisebenzi zomnyango uphenyo lwamaphoyisa luwaholele kowesifazane waseMatatiele, e-Eastern Cape. Lo wesifazane utshele amaphoyisa ukuthi wathenga izitifiketi ezimbili ngoR1700.
Uveze ukuthi akakaze alubhade ehhovisi loMnyango wezaseKhaya eliseKokstad, bekunomuntu obemxhumanisa nesisebenzi somnyango esikulezi eziboshiwe.
Abasolwa ababili ababoshwe eFree State, eBloemfontein, nabo batshele amaphoyisa ukuthi abakaze balubhade emahhovisi oMnyango wezaseKhaya.
Oyedwa kubo owaseLesotho uthe wakhokha uR700 kumuntu obemxhumanisa nomsebenzi wakuleli hhovisi ongomunye wababoshiwe.
Isitifiketi kuthiwa uthe wasithola eposini.
Zonke izitifiketi, laba besifazane abazithenga zisetshenziselwa ukuhola isibonelelo sikahulumeni sezingane.
Umphathi wehhovisi lezaseKhaya KwaZulu-Natal, uMnuz Cyril Mncwabe, uthe uphezu kwezinhlelo zokuqasha abasebenzi abazovala izikhala zabasenzi ababoshiwe abanye babo abebevele sebefake izincwadi zokushiya emsebenzini.