UBHEKWE ngabomvu uNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana, nezoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi, ekutheni aqokelwe esikhundleni sokuba nguSihlalo we-ANCWL esifundazweni, njengoba kuza ukhetho.
Kubikwa ukuthi maningi amagatsha alolu phiko amfuna engenile kulesi sihlalo ngoba acabanga ukuthi angabamba elikhulu iqhaza ekubuyiseni isithunzi sophiko lwabesifazane ngaphansi kwe-ANC.
Omunye okuthiwa akaconsi phansi, yilowo oke waba uNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko esifundazweni, uNkk Hlengiwe Mavimbela.
Owesithathu okuthiwa uyangena futhi uNkk Nonhlanhla Khoza, ovele ungusihlalo wophiko lwabesifazane lapha eKZN, uphinde abe nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi.
Okhulumela uphiko uNksz Fikile Masiko uthe, ngeke abe nolwazi lokuthi ngobani asebephakanyisiwe. “Kukhona ukukhuluma kodwa silindele iSonto lona leli, ukuthi sazi amagama asephakanyisiwe kodwa okwamanje akukho esingakusho,” kusho uNksz Masiko.
Uthe kusaqhutshwa imihlangano yamagatsha okwamanje. Udalule nokuthi ingqungquthela yokukhetha ubuholi balolu phiko kuzwelonke izokuba ngoJulayi 14 -17.
“Ngemuva kwalokho kuzokube sekuphuma izinsuku okuzokhetha ngazo isifundazwe.”