ZISALOKHU zigobhoze njalo izinyembezi KwaZulu-Natal ngenxa yesimo sezulu esibi esikhipha izidumbu ezingxenyeni ezehlukene zesifundazwe. Imvula enamandla ehambisana nokuduma kwezulu ilokhu iqhubekile esifundazweni.
Esigamekweni sakamuva, uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kwaZulu-Natal, uphezu kodaba lwabasebenzi abashawe wumphezulu. Okhulumela uMnyango uMnuz Sboniso Mngadi, uthe abasebenzi abathintekile bangu-50 kodwa babili abashonile.
Isolezwe lithole ukuthi abasebenzi baseThabo Farm, eBergville yibona laba abashayekile ngesikhathi besebenza bengazelele lutho kwaphazamiseka ukusebenza. Kuvela ukuthi umbani ugadle ngezikhathi zasemini yantambama ngesikhathi abasebenzi bematasa epulazini.
“ Abanye abathintekile balashelwe endaweni yesigameko kanti abane kudingeke ukuthi baphuthunyiswe esibhedlela kodwa sengathi bayalulama,’’ kusho uMngadi.
Abashonile woSiphesihle Khumalo (21) noThulisile Thabede (41).
UMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole -Moloi, udlulise amazwi enduduzo emndenini. UMphathiswa uthe kuyishwa ukuthi imvula isakhipha izidumbu ekubeni kwenziwa konke okusemandleni ukugwema lokhu.
Uthe abezinhlekelele bathe chithi saka benza konke okusemandleni ukubhekana nesimo. Uthe bazobambisana neminye iminyango ukuphuthumisa usizo oludingekayo
Kwesinye isigameko eThokoza, oLundi izingane ezimbili USiyabonga Mbele (11) noSimphiwe Mbhele (3) badilikelwe wudonga lwendlu yamasoyi bashona. Udonga luqale ukuthinteka emuva kokuthi kune imvula enkulu.
Ngaphandle kwalezi zigameko kuvele kuyakhalwa nakwezinye izindawo koMnambithi, Dundee, Mandeni, eMgungundlovu naseDannhouser. Kwezinye izindawo kunabantu abangakatholakali okukholakala ukuthi bamuke nemifula.
Isifundazwe sivamile ukuhlaselwa yimvula enkulu eshiya umonakalo ikhiphe imiphefumulo. Namanje isifundazwe sisazama ukulungisa umonakalo wemvula enkulu eyagadla ngo-2022 eyashiya kukhalwa.