Izitshudeni zaseDurban Uneversity of Technology (DUT) ezenza izifundo zeMandarin (Ulimu lwaseChina) zizoba nethuba lokuvakashela izindawo ezahlukene esifundazweni iFujian, eChina, ngenhloso yokuqonda kabanzi ngosikompilo lwakhona namathuba emikhakheni eyahlukene.
Lezi zitshudeni ezingu-17 zifulathele eNingizimu Afrika ngoMsombuluko ekuseni zaze zafika edolobheni iFuzhou, ngoLwesibili ngo-5 ntambama, ngokwesikhathi saseChina (iChina ingaphambili ngamahora ayisithupha neNingizimu Afrika).
Uhambo, i-2024 FAFU-DUT Confucius Institute Summer Camp of "Experiencing Charming Fujian" luhlelwe yiConfusius Institute yaseDUT neFujian Agriculture and Forestry University (Fafu) futhi luzodonsa amasonto amabili.
IConfucius Institute (CI) yaseDUT igqugquzela ukusebenzisana emikhakheni ehlukene phakathi kwe-DUT namanyuvesi aseChina.
UDkt Eddie Fu oyi-Director ye-Global Engagement eFafu, uthe uyajabula ukwamukela izitshudeni zase-DUT ikakhulukazi ngoba usebenze khona iminyaka emine njengesikhulu se-CI yakhona.
Uthe kuningi akukhumbula ngeTheku ngoba bagqugquzele ukuthi abantu baxhumane, ikakhulukazi abasha baseChina naseThekwini.
“Yize nizohlala izinsukuwana kodwa siyathemba iFuzhou izoba yikhaya lenu lesibili. Nizovakashela izindawo ezahlukene esifundazweni nibe nezingqungquthela nabanye abafundi bakwezinye izikhungo esifundazweni. Nizohambela izindawo ezinomlando. IFujian iyafana neKwaZulu-Natal eNingizimu Afrika ngoba sinemilando eyahlukene namasiko amangalisayo nezizwe ezahlukene njengaKwaZulu-Natal,” kuchaza uFu.
Uthe uyathemba ukuthi bazokhuluma kakhulu iMandarin babone nokundlondlobala kweFujian, futhi ngomuso bazobuya bezofunda noma bezosebenza kulesi sifundazwe.
Lolu hambo luqondane nokuvakasha kukaMengameli Cyril Ramaphosa eChina, ofike ngoMsombuluko, njengoba kunengqungquthela iChina-Africa Cooperation Summit (FOCAC) esongwa ngoLwesine. NgoLwesithathu uzokwethula inkulumo engqungqutheleni i-South Africa-China Business Forum.
“Omengameli bamazwe omabili (Ramaphosa nowaseChina) babe nomhlangano obe yimpumelelo wokugqugquzela ukusebenzisana. Ngiyathemba njengabantu abasha nizobambisana nathi sigqugquzele ubungani kula mazwe womabili,” kusho uFu.
Inhloko ye-DUT CI, uFrank Lin WU, ithe lolu wuhlelo abalwenza minyaka yonke kusuka ngo-2015, ngaphandle kweminyaka lapho kuhlasele khona iCovid-19.
I-CI yase-DUT isungulwe ngoMashi, ngesikhathi uMengameli waseChina, uXi Jinping, evakashele owayengumengameli waseNingizimu Afrika uJacob Zuma. Yaqala ukusebenza ngo-2014 futhi ise-ML Sultan.
Izitshudeni ezihambile bezibukeka zijabule zithatha nezithombe yize nokukhathala bese kubhalwe ebusweni kwabanye. Ngemuva kwendiza yamahora alinganiselwa ku-12 esuka eGoli iya eShenzhen, zingene ebhasini imizuzu engu-40 zibheke esiteshini sesitimela samahora amane esibheke eFuzhou. Zamukelwe yithimba laseFafu, nasehhotela zamukelwa ngezinye izitshudeni zaseFafu nazo ezikhombise injabulo.