UKUKHULISA ingane kuhambisana nezinselelo eziningi. Uma ingane ingena esigabeni esiphakathi kweminyaka engu-13 kuya ku-19, kusuke sekuqala inkathazo.
UNkk Nokuthula Ngubane-Xulu onguMsunguli we-Ordained Parents Movement, uthe sekunzima kakhulu esikhathi samanje ukukhulisa izingane ezikulesi sigaba ngenxa yezinguquko ezifika nempilo yesimanje.
UNkk Ngubane-Xulu okhulise izingane ezingu-11, uthe ukufika kwezobuchwepheshe nakho kunezinselelo. “Izingane zamanje sezinalo lonke ulwazi eziluthola ezinkundleni zokuxhumana. Sekumele ube umzali onesibindi, ukhulume nezingane ngoba uma ungakhulumi zizothatha izimfundiso kwezinye izindawo.”
Uthe naye kube yinkinga ukukhulisa izingane zakhe kulesi sigaba ngoba wakhula ngezikhathi zakudala.
“Ekhaya ngakhulwa sishaywa futhi singaqophisani nomzali. Kwadingeka ngishintshe ukwenza ngoba bengibona ukuthi ukushaya akusizi ngoba bezivele zingezwa kakhulu uma ngizishaya,” kusho yena.
Uthe ezinye izinselelo zesimanje ukuthi abazali kunamaphutha abawenza empilweni besakhula, okuba nzima ukuqondisa izingane uma sezenza wona. Uveze nokuthi abanye benza iphutha lokufuna ukukhethela ingane impilo nabo abangakwazanga ukuyiphila. Ugcizelela ukuthi abazali kumele basondele kakhulu ezinganeni ezikulesi sigaba, bazilalele bezwe nemibono yazo. Uthe kuhle ukuthi uma umzali ebuzwa yingane ngokuthize, afune nolwazi kwabanye kodwa angayizibi. Enye inselelo ayibonayo eyokuthi izingane zamanje zidliswa noma yini ngoba abazali bezama ukuzijabulisa kanti sebezifaka enkingeni yokukhuluphala. Uthe izingane ezikulesi sigaba yizona anenkinga yokukhuluphala, okufanele abazali batshale umkhuba wokudla ngendlela nokuzivocavoca.
Ezinganeni anazo unendodana uSakhe ona-18, nendodakazi eneminyaka engu-11, athi useqalile ukukhuluma nayo ngoba iyasondela kulesi sigaba.
UNksz Nqobile Kweyama oyi-Educational Psychologist, uthe sekunzima esikhathini samanje ukukhulisa izingane ngenxa yokwanda kwezidakamizwa nezinkundla zokuxhumana. Uthe ezinye izingane zizama ukuzihlola ukuthi zifunani nokuthi yini inhloso yazo emhlabeni.
“Abazali bazithola bengazi ukuthi yikuphi okumele bakwenze ukukhulisa izingane. Abazali abayazi impilo yesimanje ngoba bakhula kwesinye isikhathi esihlukile. Baningi nabazali abakhulisa izingane ngabodwana, okuba nzima kakhulu uma zifika kulesi sigaba,” kusho yena.