FANELESIBONGE BENGU
E MISAKAZWENI lesi yisikhathi esibhekwe ngabomvu ngoba imisakazo eminingi isuke imemezela izinguquko ezizozwakala emoyeni uma kuqala u-Ephreli.
Kwabezindaba kusuke sekuqagelwa ukuthi abasakazi abathize sebezokwenza ziphi izinhlelo, noma sebezoya kumiphi imisakazo.
Kulo nyaka kuthulekile nokho ngenxa yokuthi imisakazo eminingi ayisazenzi lezi zinguquko ngalesi sikhathi kodwa isizenza noma yinini uma kunesidingo.
Uzokhumbula ukuthi ngo-Okthoba ngonyaka odlule, Umhlobo Wenene FM ususe uDJ Luks ohlelweni lwantambama ayelwethula noKCI August noZizo Beda wafakwa ohlelweni lwasemini njengomdidiyeli.
Lokhu kuthiwa kungenxa yokuthi uLuks noKCI babengazwani, okuyinto eyenza abaphathi bangabe besakwazi ukulinda u-Ephreli.
Ngawo futhi u-Okthoba Ukhozi FM lumemezele ukubuya kukaZimdollar Biyela nokuqashwa kukaZuluboy kulo msakazo.
UZimdollar wawulaxaza wajoyina iqembu lepolitiki iNFP njengoba esebuya.
Lokhu kuyizinkomba zokuthi seziyashintsha izinto emsakazweni ngokuthi kungabe kusalindwa u-Ephreli njengokujwayelekile kodwa izinguquko zenzeke noma yinini.
IVibe FM nayo ezinyangeni ezedlule yenze izinguquko ezincane kodwa yangazihlupha ngokwazisa abezindaba, engingasazi isizathu sokuthi basifihlele yisiphi.
Yize imisakazo izinguquko isizenza noma yinini kodwa ngikubhekile ukuthi iMetro FM izenze ngoba uzokhumbula ukuthi ngonyaka odlule kuxoshwe uPaul Mtirara owayeshayela i The Chill Factor ngo-12 kuya ku-3 emini ngeSonto.
UMtirara ubephinde enze nolwasentathakusa phakathi nesonto i The Crack Of Dawn.
I The Chill Factor njengamanje yenziwa ngu-Amon Mokoena ophinde enze i The Great Escape (TGE) emini phakathi nesonto noPearl Modiadie.
Lokhu kusho ukuthi uMokena usephumula kuphela ngoMgqibelo.
Lokhu kubukeka kumgqilaza njengoba emasontweni edlule eke wafika sekwedlule isikhathi kuTGE waxolisa isikhathi eside kubalaleli bakhe. IMetro kumele futhi iphinde ithole ozovala isikhala sikaPearl Thusi.
NgeSonto ngo-1 kuya ku-3 entathakusa, ohlelweni lwakhe i The Black Out kungene uSentle Lehoko obekade engene emini ku The Romantic Repretoire.
Yize imali ithe xaxa kodwa bayagqilazeka, okuyizinkomba ezisobala ukuthi iMetro kumele yenze izinguquko.
Ngaphandle nje kokugqilazeka, baningi abasakazi abasezingeni abangalijabulela ithuba lokuba yingxenye yeMetro kunokuthi abasakazi benze izinhlelo eziningi.
Kweminye imisakazo izinguquko engingahalela ukuzibona wukwehlukaniswa kukaZama Ngcobo noDJ Sgqemeza ohlelweni lwasekuseni kuKhozi FM kanjalo nokuhlukana kukaThandolwethu noTP kolwantambama kuGagasi FM, engicabanga ukuthi kungaba kuhle ukufaka abantu abasha sizwe ukuthi beza nani.
Ungangibhalela [email protected] okanye ku-twitter @fanelebengu noma ku-Instagram @fanelebengu