BABALISE ngomonakalo odalwe yizikhukhula abadayisi baseMargate, ePort Shepstone.
Lokhu bakubikele Isolezwe ngesikhathi kuhambele iMeya yaseMngeni uMnuz Chris Pappas kule ndawo eyohlola umonakalo.
Bakhale ngokuthi selokhu kwenzeke umonakalo phakathi edolobheni lehlile kakhulu izinga lokuthengwa kwemikhiqizo yabo.
UMnuz Bongani Khuzwayo odayisa izimpahla zokugqoka kule ndawo, uthe sibi kakhulu isimo ngemuva kwezikhukhula.
"Selokhu kwenzeke le nto bancane kakhulu abantu abathengayo. Lokhu kudalwa ukuthi sehlile nesibalo sabantu abahambela kuleli dolobha ngemuva kwezikhukhula," usho kanje sakubalisa.
Uthe indlela idolobha labo elikhahlamezeke ngayo abazi ukuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ukuthi isimo sibuyele kwesejwayelekile.
UNkk Busisiwe Ngcokama odayisa izinto ezidliwayo uqale wabalisa ngokuthi igcwele amanzi indawo abadayisela kuyona.
Uthe kulezi zinsuku akulula nokuthi abathengi basondele ematafuleni abo.
Uchaze isimo ababhekene naso njengosizi. "Kulukhuni impela, imindeni yethu siyondla ngemali eyinzuzo esiyithola ngokudayisa lapha. Manje uma sekunje asazi ukuthi lizoya ngani ibhodwe eziko," ebalisa.
Ugcizelele ukuthi ufisa ukubona uhulumeni ungenela ngokushesha ulungise konke okonakele edolobheni ukuze nabo njengabadayisi bangalimali kakhulu.
Uthe okudala ukuthi kube lukhuni satshe ukuthi bebengakulungele ukubhekana nesimo salolu hlobo wathi empeleni nje sibehle ngaphezulu, uma bengadayisi impilo iyama.
Ezinye izakhamuzi zibalise ngomonakalo omkhulu ezithi udalwe yizikhukhula emizini yazo.
UMnuz Zwelakhe Mkhize uthe indlu yonke igcwele amanzi.
Uthe kumele athenge impahla yasendlini entsha ngoba yonke ikhuntile futhi ngeke isasebenziseka.
Ubalise ngokuthi akazi ukuthi impahla entsha uzoyithenga ngani ngoba uhola impesheni.
UPappas uthe bazophindela emuva babhunge kabanzi ngabangalekelela ngakho emphakathini wakule ndawo.
Uthe ukholwa ukuthi umphakathi udinga usizo oluphuthumayo hhayi izethembiso ezingamanga.