SISUSE umsindo isiphakamiso soMnyango weMfundo eyisiSekelo, sokuthi kubhekwe amathoyilethi ahlaganisa ubulili ezikoleni zakuleli.
Lesi siphakamiso siqukethwe emqulwini obungakakhishelwa umphakathi ukuthi ubhunge ngawo ngaphansi kohlelo oluthinta imigomo ethinta ubulili ezikoleni zakuleli.
Okhulumela umnyango uMnuz Elijah Mhlanga, uthe senziwe ihaba lesi siphakamiso esiqukethwe emigomeni okusabhungwa ngayo ngaphakathi emnyangweni ngaphansi kohlelo lwezobulili ezikoleni.
Uthe ukugxila kuphela endabeni yamathoyilethi ahlanganisa ubulili ezikoleni, kwenza kushiye ngaphandle eminye iminxa ethinta ukunciphisa izehlakalo zokucwasa ngokobulili emphakathini.
“Umqulu osetshenziswa abezindaba yinto okusabhungwa ngayo, uthinta izinto eziningi ezibandakanya indaba yokuthi iluphi uhlelo lokufunda oluzohlanganisa bonke ubulili okumele lufundiswe, indaba yomfaniswano wesikole nezinto ezithinta izakhiwo ukuze singacwasi bulili. Akulona iqiniso ukuthi umnyango ufuna kube nmathoyilethi axube ubulili,” kusho uMhlanga.
Uthe kodwa umnyango ubheka indaba yokuthi bonke ubulili bumeleleke.
Ubalule ukuthi baze bahlongoza imigomo ezoqhakambisa bonke ubulili, ngoba bengafuni ukubonakala becindezela amalungelo ezingane.
“Noma sinemigomo yezemfundo ehlanganisa konke kodwa izikole kudingeka zibe nendlela yokungacindezeli amalungelo ezingane. Umnyango kudingeka uqikelele ukuthi izingane ezinobulili obehlukile zithola imfundo efanayo nezinye izingane,” kuqhuba uMhlanga.
UMhlanga uthe kuseva emaqenjini ezepolitiki kanjalo nasezinhlanganweni esezifaka izikhalo ngalezi ziphakamiso ngoba kusazodlulwa ohlelweni lokuthi umphakathi uphawule ngale migomo uma sekuphothulwe lonke uhlelo.
“Le migomo ephakanyisiwe isasesigabeni sezifunda zomnyango ngokwesiphakamiso somkhandlu wongqongqoshe bezemfundo. Izoshicilelwa ngonyaka ozayo,” kuphetha uMhlanga.
Iqembu lezepolitiki i-NFP lichithe le migomo lathi kumele umnyango ugxile ezintweni ezizothuthukisa imfundo.
Leli qembu lithe baningi abafundi abakhulelwayo ngakho umnyango kumele ugxile ezintweni ezifuze lezi kanjalo nokuhlinzeka ngemfundo esezingeni uyeke abafundi bazikhethele impilo abafuna ukuyiphila.
Sekuqalwe umkhankaso ochitha indaba yala mathoyilethi ezikoleni kuChange.org, okunenqwaba yabantu asebeveze ukuwuchitha lo mgomo ohlongozwayo.