AMALUNGU esigungu esiphezulu kwi-ANC angene emhlanganweni wokuyoxoxa eyokubusa ngokubambisana engaphansi kwengcindezi yokuba adlalele kude neDA.
Ngaphambi komhlangano wayizolo, kwande amadlelandawonye namalungu e-ANC athi awafuni nokuyizwa eyokubambisana kwe-ANC neDA.
Idlelandawonye le-ANC, iSACP, libe nesithangami lapho liveze khona ukuthi alihambisani nokubambisana kwe-ANC neDA.
Idlanzana lamalungu e-ANC eliphikisana nokubambisana neDA belibhikisha ngaphandle kwendawo obekubanjelwe kuwo umhlangano.
Yize kukhona ongoti ababona umshado we-ANC neDA ungabuyisa ithemba kubatshalizimali, kukhona amalungu e-ANC angafuni nokuyizwa eyalo mshado.
Omunye walabo abebebhikisha, uNksz Thuthukile Zuma, oyindodakazi yomholi weMK, uMnuz Jacob Zuma, uthe iDA ihlale iphikisana nemithetho ethuthukisa abantu abamnyama.
“Sikholelwa ukuthi asikho isidingo sokuthi i-ANC ibambisane neqembu elaziwayo ukuthi alifuni ukubona abantu abamnyama beya phambili. I-DA ihlezi iphikisana nayo yonke imithetho eshaya uhulumeni we-ANC. Kuyimanje bayaphikisana nomshwalense wezempilo. Uma ufunda kahle umqulu wabo wezethembiso zokhetho uzobona ukuthi bayaphikisana nemithetho ethuthukisa abantu abamnyama.
“Singalifaka kanjani kuhulumeni wokubambisana iqembu eliyisitha sokuthuthukiswa komuntu omnyama. Uze ubabone ukuthi abalikhathalele kanjani izwe, bakwazi ukushisa ifulegi lakuleli. Siyathemba ukuthi abaholi bethu ngeke basebenzisane neDA.”
ISACP ibe nesithangami nabezindaba ngoLwesithathu ebusuku, lapho ithe ayihambisani nokubambisana kwe-ANC neDA.
Unobhala weSACP, uMnuz Solly Mapaila, uthe abasebenzi nabahlwempu bazohlupheka uma kungaphatha iDA.
UMapaila uphinde waveza ukuthi abafuni ukuthi i-ANC ibambisane neMK.
ICosatu namanye amalungu esigungu esiphezulu kwi-ANC abevele esephumele obala ngaphambi komhlangano wayizolo, aveza ukuthi awayizwa eyokubambisana neDA.
Unobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe besingekho isidingo sombhikisho.
“Asikanqumi ukuthi sizobambisana naliphi iqembu. Kuyishwa ukuthi bese kuba khona umbhikisho. Isikhathi esikuso sidinga ukuthi sibeke phansi amaphaphu. Njengoba siya emhlanganweni asicabangi ngokufana.”
Uthe okwamanje bazama ukuxoxa nawo wonke amaqembu ezepolitiki.
UMbalula uchaze ubunzima ababhekene nabo ekuxhumaneni neMK.
“Asikayitholi impendulo eqondile. Kunzima ukuxhumana neMK ngoba bavele bakutshele ukuthi balinde ubaba (uZuma). Yonke into yenziwa ubaba lapha.”