UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal usumise ngomumo amathimba ezinhlekelele ezindaweni ezahlukene.
Lokhu kwenzeka emva kokuthi abezesimo sezulu, iSouth African Weather Services (Saws) bekhiphe isexwayiso ngezimvula ezinamandla ezingxenyeni ezehlukene zakulesi sifundazwe.
Ngokusho kokhulumela umnyango, uMnuz Siboniso Mngadi, abeSaws bexwayise ngokuthi izindawo ezigudle ulwandle eningizimu nesifundazwe zizoba nemvula esesixwayisweni sesigaba sesithupha.
UMngadi ubalule ukuthi izindawo ezingahle zikhahlamezeke yiTheku, Mkhambathini, Ray Nkonyeni, Umdoni noMzumbe.
Uqhube wathi abanye omasipala, i-Alfred Duma, Dkt Nkosazana Dlamini-Zuma, Mpendle, ,Nkosi Langalibalele, KwaDukuza, Mandeni, Maphumulo, Mpofana, Msinga, Ndwedwe, Nkandla, oKhahlamba, Richmond. Msunduzi, uBuhlebezwe, Mlalazi, uMngeni eMshwathi, eMuziwabantu, eMvoti noMzimkhulu bona bakhishelwe isexwayiso esisesigabeni sesibili.
"Umnyango uxwayisa izakhamuzi ukuthi lezi zimvula ezinamandla zingaholela ekutheni kube khona izikhukhula ezindaweni eziningi zesifundazwe," kusho uMngadi.
Uthe abantu abahlala ezindaweni ezehlelayo baqaphele kakhulu, waphinde wexwayisa abasebenzisa imigwaqo namabhuloho okufishane ukuthi nabo bacophelele.
"Umnyango usumise ngomumo amathimba ezinhlekelele njengemizamo yokuzilungisela. Bonke omasipala abangahle bakhahlamezeke nabo sebezilungisele" kusho uMngadi.
Uqhube wathi phakathi kokunye, sebelungise izinhlelo zokuthi uma uma kuba khona isidingo sokutakula abathile ezindaweni ezahlukene, bayobekwa ezikhungweni zomphakathi. Lokho kwenzeke ngendlela efanele kwazise nazo lezi zindawo sezilungisiwe.