KULOKOZA inhlasi yethemba kubazali nezihlobo zeziboshwa ezenze ezibukwayo ngemiphumela ka-matric yanyakenye.
Izolo, kukhishwe imiphumela yabebenza u-matric ejele, emcimbini obusejele eWestville. Isikhungo sasejele, i-Ekuseni Secondary sithole u-85%, Usethubeni Youth Centre yathola 100% kwathi iQalakabusha yathola u-43%.
Ngesikhathi sekubizwa abafundi abangu-10 ababashaye bonke emakhanda abazali bavele baqala iculo elithi Shumayela iVangeli.
Uyise kaSamkelo Mpofana (23), uMnuz Thokozane Sikhwathana waseShobeni eZingolweni uthe kubuye ithemba ngempilo yengane yakhe ethole o-A abahlanu.
“Ngesikhathi eboshwa ngo-2014 ngecala lokuzama ukubulala ngalahla ithemba ngempilo yakhe kodwa ukubona eshintsha impilo yakhe ejele enza kahle naku-matric kungenze ngathemba ukuthi usazokwazi ukuba umuntu ezweni. Kunzima ukuba nengane uyivakashele ejele kodwa ukubona yenza kahle esikoleni kungenze ngajabula,” kusho uSikhwathana.
Kube esifanayo nakunina kaScelo Chili (23), uNkk Zodwa Chili wasoThongathi, othe usenethemba lokuthi ingane yakhe eyagwetshwa iminyaka engu-10 ngo-2015 izoba nekusasa eliqhakazile.
“Ungalilahli ithemba ngengane yakho njengoba manje usekwazile ukwenza kahle esikoleni nokwenza ngithembe ukuthi impilo yakhe izoqhakaza uma eqhubeka nemfundo nokuziphatha kahle,” kusho uNkk Chili.
Isinqandamathe sikaSenzo Fundzo, uNksz Zanele Mncwane, sithe sijabule kakhulu ngomphumela otholwe uyise wengane yakhe.
“Kunginikeza ithemba ukuthi sizoba nekusasa eliqhakazile njengoba enze kahle ku matric. Ingane yethu eneminyaka emihlanu nayo iyaziqhenya ngoyise ngokwenza kahle kwakhe,” kusho uNksz Mncwane.
UNdumiso Shiba (24) obashaye emakhanda kuwo wonke amajele kuleli, obenza izifundo zesayensi, uthe ukuboshelwa icala lokubulala ngokungenhloso ngokudala ingozi kagandaganda ngo-2014 wagwetshwa iminyaka emihlanu, akavumanga kumphazamise futhi ufuna ukuqhubeka nemfundo.
Bonke laba bafundi abenze kahle bathe bafisa ukuqhubeka nemfundo ephakeme bashintshe indlela abantu ababeboshiwe ababukwa ngayo emphakathini.
Umphathi walezi zikhungo KwaZulu-Natal, uMnuz Mnikelwa Nxele uthe uyaziqhenya ngabafundi baseKZN okuyibona abaningi ababhale izivivinyo zika-matric uma kuqhathaniswa namajele akwezinye izifundazwe.
UMnuz Mxolisi Kaunda onguNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi nokuThutha KwaZulu-Natal obeyisikhulumi kulo mcimbi unxenxe laba bafundi ukuba baphume kulezi zikhungo balwe nobugebengu.