IBUYISE ithemba kwezokuvakasha nezokungcebeleka imicimbi ebithe chithi saka ngempelasonto kuMasipala iKing Cetshwayo okubalwa nomjaho wamahhashi.
IKing Cetshwayo June Traditional Horce Racing ebiseMpangeni Airfield ephethe izolo, iqale ngoLwesihlanu ivulwa ngentsha ebishaya ama-drums iviliyela yamukela nezivakashi ngesikhathi kuqalwa imicimbi ehambisana nomjaho wamahhashi omkhulukazi wokuqala ngqa kulo masipala.
IMeya yaseKing Cetshwayo uMnuz Thami Ntuli iveze ukuthi kulindeleke lo mcimbi ufake uR20 million emnothweni walesi sifunda.
"Inhloso enkulu ngukuthuthukisa umnotho wendawo, sibone kukuhle ukuthi sisebenzise inyanga yentsha ukukhuthaza amakhono nokuyeseka ihlomule kwezemidlalo, amabhizinisi nezokungcebeleka. Osomabhizinisi bendawo bazuzile njengoba bebedayisa kule micimbi, abasiki bengqephu nabo kukhona abakuzuzile. Kuzosiza nokuheha abatshalibemali," kusho uNtuli.
Ozime ebebethathwe komasipala abahlukene okubalwa iNkandla, uMfolozi, Mlalazi, Mthonjaneni noMhlathuze, bebebanga isicoco sikaMiss King Cetshwayo.
Ngaphandle kwezintokazi abekhona namageza ezinsizwa abebanga isicoco sikaMr King Cetshwayo.
Obashaye emakhanda kozime nguLumka Mahlaba walandelwa uKom Biyela noNomcebo Shandu. Amageza kube uSandile Mkhize odle umhlanganiso alandelwe uNsindiso Mthimkhulu nebhungu elaziwa ngelika-Undertaker.
Amajaji bekuwuKhaya Dladla, Zenzekile Biyela noPhindile Gwala. Umntwana uPhumzile, abasebukhosini, izimeya zomasipala abahlukene, abazali, namalungu omphakathi bebeyinxenye yomcimbi.
Ongoti bendawo kwezemfashini bathole ithuba lokugqokisa bonke ozime baphinde bakhangisa ngemisiko yabo.
Umcimbi wozime ulandelwe wumjaho wamahhashi abavuswe ngawo abantu izolo ekuseni.