AKEKHO umuntu waseThekwini ozobe engenawo amanzi ngoKhisimusi njengoba uMasipala weTheku noMngeni-uThukela Water umatasa nezinhlelo zokulungisa ingqalasizinda.
ngoLwesibili, iMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ithe iyajabula ukuthi usuphothuliwe umsebenzi wokulungisa amapayipi amakhulu amanzi ayelinyazwe yizikhukhula okuwu-aquaduct 1 no-2.
Iveze ukuthi ngesikhathi ipayipi lokugcina, u-aquaduct 2, selibuyiselwa ukuba lisebenze, kuphoqe ukuthi kuvalwe amanzi izinsuku ezimbili e-Durban Heights Water Works.
Uthe lokhu kwenze ukuthi ezinye izindawo zingabi namanzi kanti uxolisile ngalesi simo.
Phakathi kwezindawo ebezingenamanzi kubalwa i-Mountview, Aloes, KwaMashu, Ntuzuma, Umlaza, Nsimbini, Folweni naKwaSanti.
Uthe amanzi aseqalile ukungena ezindaweni ebezingenawo amanzi abale kuzo iFolweni, Ngonyameni naseMlaza.
Ubalule ukuthi okuphazamise amanzi eMhlanga yinkinga yebhawodi elisemapayipini amakhulu kodwa leyo nkinga iyalungiswa.
Uthe amathimba abo asebenza ngokushesha ukuze bonke abantu babe namanzi.
Ezindaweni eziningi okubalwa iMbumbulu, Adams Mission naseMlaza ko-AA, BB nako-Z, kulindwe ukuthi inqolobane yamanzi igcwale njengoba iphampu ebifile isilungisiwe.
KwaMakhutha, uKaunda uveze ukuthi isteshi sabo samanzi besicekelwe phansi yizigebengu kwase kuphazamiseka ukusebenza kwephampu eliseBhekulwandle.
KwaXimba, uKaunda uthe amanzi aseqalile ukungena esiteshini sabo samanzi esiseCato Ridge kodwa ezinye izindawo azikabi nawo amanzi.
ENtuzuma, Inanda nezindawo ezakhelene nalezi ziye zaphelelwa ngamanzi izinsuku eziyisithupha kodwa manje ziwathola emalolini. Uthe lokhu bekudalwa wukuthi bekunomsebenzi owenziwayo eMidmar.
“Sifuna ukuthembisa abantu baseThekwini ukuthi senza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi bonke banamanzi,” kusho uKaunda.
USihlalo weBhodi loMngeni-uThukela Water, u-Adv Vusi Khuzwayo, uthe banesivumelwano sezinyanga eziwu-12 sokusebenzisana noMasipala weTheku ukulungisa nokubhekelela ingqalasizinda yamanzi endle.
Le ngqalasizinda yacekelwa phansi yizikhukhula zika-Ephreli, wonyaka odlule.
UKhuzwayo uthe basebenzisana ngokuzikhandla ukulungisa ingqalasizinda, ukufaka amakhemikhali nokuqinisekisa ukuthi indle ihlala endaweni efanele. Okusho ukuthi ngeke iputshukele olwandle.
UKaunda uthe zonke izikhungo zabo zamanzi endle zizoba sesimeni esifanele, ezidinga ukulungiswa zizolungiswa.
Umemezele ukuthi amanzi asebhishi awanalo igciwane le-E.Coli, wathi azohlale ehlolwa kabili ngesonto ukuqinisekisa ukuthi asesimeni esifanele.