ISILO samabandla onke, uGoodwill Zwelithini, sithembise ukuthi sizongenelela ukuze siqede ukushalazelana phakathi kukahulumeni nebhodi ebhekelele umhlaba waso, Ingonyama Trust.
Sikhuluma ngesikhathi sivula isiShayamthetho saKwaZulu-Natal enkundleni yezemidlalo eRoyal Showgrounds eMgungundlovu izolo, iSilo sithe uma sizwa imibiko sibuka sengathi lezi zinhlaka zombili ziyashalazelana.
“Mhlawumbe kumele ngingenelela ngoba lokhu kushalazelana kulahlekisela isifundazwe sethu nezwe ngokuningi,” kusho iMbube.
Kuzokhumbuleka ukuthi sike saba manzonzo isimo phakathi kweSilo nohulumeni ngemuva kokuthi iKhomishana kaMnuz Kgalema Motlanthe yenza izincomo zokuthi kumele iMbube iphucwe umhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust ufakwe ngaphansi kukahulumeni.
Lezi zincomo zikaMotlanthe zayithukuthelisa iMbube, isizwe sikaZulu sasola uhulumeni oholwa yi-ANC ngokukhomba isihlalo somdala ngomunwe.
“Akungatshazwa ukuthi iNingizimu Afrika ibhekene nezinselelo eziningi. Yize kufanele siqhubeke siwathakasele amagxathu asethathiwe nokho kufanele siqhubeke, sizisike insumpa siyithina.
“Sihlangene futhi singabodwana, kufanele sike sizibuze lo mbuzo wokuthi singayenza kanjani iKZN ukuba ibe isifundazwe esingcono nesithuthukayo,” kusho iSilo.
ISilo siphinde sagqugquzela ukuthi kuqiniswe izinhlelo zezoLimo ukuze kuliwe nobubha kuphinde kudalwe namathuba emisebenzi.
“Ezolimo ziwumgogodla wanoma yimuphi umphakathi ophucuzekile emhlabeni. Ungaba ngusosayensi, ngudokotela, nguthisha, ngumfundisi, ngusopolitiki nokunye kodwa uyohlala ukudinga ukudla. Ukusungula nayo yonke inhlobo yokuqamba ngeke kuze kudlule lokho okusungulwa yimvelo ukudla. Ukudla kukhona emicimbini, ezikhumbuzweni ngisho nasezililweni.
“Umndeni uwumndeni ngokuphaka uthokozele ukudla, njengesifundazwe ngeke sakumela ukukhangezwa ngabanye noma sikhamise kuhle kwamaphuphu silindele ukuyokozelwa emlonyeni ngento eyisidingo esimqoka kithina njengabantu,” kusho iSilo.
Sithe kusukela emandulo ama-Afrika abehlale enakho ukudla okwanele.
“Sasinobuchwepheshe bokulondoloza ngesikhathi senala ukuze sihlinzekele isikhathi sendlala, yikho ngaze ngaqamba elinye lamabutho ami ngeNala ngo-1972,” kusho iSilo,
ISilo siphinde sagcoba nomkhankaso kaMengameli Cyril Ramaphosa othi “Thuma Mina”.
“Kufanele ngenanele ngibuye ngeseke amazwi kamengameli lapha ehlala egcizelela ukuguqula iNingizimu Afrika ayenze insimu yase-Edeni,” kusho iSilo.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Wilies Mchunu, uthe kuhle ukusebenzisana phakathi kukahulumeni wesifundazwe neSilo.
UMchunu uthe iSilo singubaba wabo futhi bahlale bethathe izeluleko kusona.