KHETHA SANGWENI
ISILO uMisuzulu kaZwelithini, sibhuqe abafowabo abagaqele isihlalo sathi abakhohlwe ngoba isitifiketi sesiphumile futhi ngeke sisaphindela emuva.
INgonyama ibikhuluma izolo esigodlweni kwaKhangelamankengane, KwaNongoma, emcimbini wokungeniswa kwayo esibayeni nokuwusiko lwesintu. Umcimbi wokungena esibayeni uyisiqalo ngoba kusazoba khona omunye eThekwini, lapho iSilo sizogcotshwa khona.
Imbube ingeniswe esibayeni emini kade iqale eqhugwaneni lapho bekungafuneki ngisho abezindaba eduze kulona. Isilo sigibele esiteji izolo sakhuluma maqede safa yinsini ngesikhathi sithinta eyombango wesihlalo lapho sibhinqa abafowabo.
"Ngibonga uMengameli uMatamela Ramaphosa ngokuthi isitifiketi asiqondanise nami ngqo. Ngike ngabuza ukuthi kuyenzeka yini isitifiketi sijike uma sesiphumile kwathiwa ngeke sisajika. Ngeke siphume kabili noma kathathu siyoba sinye nje,'' kusho iSilo sakubhuqa, sihleka.
ISilo sikhuluma kanjena nje abafowabo uMntwana uSimakade, noMntwana uBuzabazi, bavezwe njengabagaqele isihlalo sokuba yiNgonyama yamaZulu. UMntwana uSimakade ngeSonto eledlule, ubenze owakhe umcimbi wokungena esibayeni ethi uthatha ubukhosi.
Kuthe kusenjalo khona izolo ekuseni kwavela izindaba zokuthi abantwana basesigodlweni kwaKhethomthandayo, baye enkantolo beyonqanda ukugcotshwa kweSilo, inkantolo yabachithwa. Amaphepha asenkantolo aveza uMntwana uNtombizosuthu Zulu-Duma, noMntwana uNtandoyenkosi Zulu njengabebefake isicelo enkantolo. Inkantolo ithe isicelo sabo abasifakile sokumisa ukugcotshwa kweSilo uMisuzulu, asiphuthumi.
Umbango wamafa nobukhosi bukaZulu uqale emuva kokwebuza kweSilo uZwelithini kaBhekuzulu, ngoMashi wonyaka odlule, walandelwa eduze wuNdlunkulu uManftombi Dlamini-Zulu, waseSwatini. Izolo esigodlweni bekugcwele izindimbane zabantu bezothamela umcimbi.
UBayede uzibophezele ngokuthi uzosihola ngobuqotho isizwe sikayise wabonga bonke abamesekile wathi umcimbi wayizolo ukhomba ukuthi konke kufeziwe. Umcimbi ubuhanjelwe abasuka nasebukhosini baseSwatini ekhaya konina leSilo uMisuzulu. AbaseSwatini bethule umyalezo ovela enkosini yaseSwatini efisela umshana wakhe izilokotho ezinhle. Bekukhona nabaqhamuka eZambia, Tanzania, Congo nakwamanye amazwe.
ISilo uMisuzulu siphinde sanxusa ukuthi kuthandazelwe ukuthi kuphele ubumbuka endlunkulu nasesizweni sonke. Sabonga uNdlunkulu weSilo uZwelithini esinguyise, uZola kaMafu, esithe nguyena kuphela konina obeyingxenye yomcimbi wokungeniswa kwakhe esibayeni.