SEKUQHUME isililo ezinkundleni zokuxhumana kusabalala isithombe semoto ethwele inyoka yodumo yaseShaka Marine ekhonzwe abadala nabancane, abajwayele ukushuthela kuyona.
Le nyoka okhangwa iyona uma ungena eShaka Marine seyaphenduka intandokazi yabaningi kule ndawo.
Kodwa namhlanje kusabalale izithombe zayo ezinkundleni zokuxhumana ibonakala emgwaqeni nokwenze abantu abaningi bacabanga ukuthi kuphelile ngayo.
Babodwa abakhalela odado babo njengoba bekhonze ukuthathwa izithombe eduze kwayo. Le nyoka ayigcini nje ngokuthandwa odado kuphela kodwa ngisho abantu abadala okubalwa nezivakashi.
Iningi labantu ezinkundleni zokuxhumana beliveza ukuthi abantu abaningi bakhonze ukuvakashela lendawo ngoba bezothatha izithombe nale nyoka.
AbaseShaka Marine bakuqinisekisile ukuthi isusiwe le nyoka ngezizathu ezithile.
Okhulumela le ndawo, uNkk Stella Khumalo, uthe amaphaphu phansi kubantu ngoba le nyoka isuswe okwesikhashana izobuyiswa.
Lokhu uthe bakwenze njengengxenye yohlelo lokulungiswa kwendawo yonke.
UNkk Khumalo uthe bayajabula ukuthi abantu bayazamukela kahle futhi bayazithanda nezinto abazihlelelwe nemindeni yabo kule ndawo.
"Okwamanje ayikho inyoka isayopendwa kodwa isazobuya. Sibone kuyisikhathi esikahle sokuyilungisa njengoba izinto zingakabuyeli esimweni esijwayelekile,"kusho uNkk Khumalo.