BADIDEKILE abafundi bezikole zamabanga aphansi eMahekini KwaMaphumulo bengasakutholi ukudla ezikoleni.
Ngokusho kwabafundi nabazali baseSakhumuzi Primary School naseMsonono Primary School nokuyizikole ezingu-quintile 1, sekuphela inyanga kungafiki ukudla esikoleni.
Kuthiwa inkampani eyathola umsebenzi wokuphakela lezi zikole nezinye ezimbili zohlobo olufanayo, akasalubhadi esikoleni.
Omunye wabazali uthe izingane zakhe zazibuya esikoleni zilambile zithi kazisadli esikoleni.
"Ngiphatheke kabi ngoba njengoba sisemakhaya singasebenzi, besinakho ukukhululeka okuncane kokuthi izingane ziyakuthola ukudla esikoleni, okuncane esinakho ekhaya sikulungiselela ukudla ebusuku. Manje kunzima kakhulu," kusho uNksz Nosipho Khuzwayo.
Lo mzali unezingane ezimbili ezenza uGrade 2 noGrade3 eSakhumuzi, uthe basanda kubizwa wuthishanhloko emhlanganweni wabazali lapho ababikela khona ngenkinga ababhekene nayo yokungafiki kokudla.
"Uthishanhloko usanda kubiza umhlangano wabazali lapho aveza khona ukuthi abazali kumele bazame imizamo yokuqinisekisa ukuthi izingane ziphatha okuthile esikoleni. Uthe umnikazi wenkampani akasafiki futhi naye akasazi ukuthi enzenjani ngoba uma emthinta kwesinye isikhathi umtshela ukuthi yena akanayo imali yokuthenga ukudla ngaleyo ndlela ngeke afike.
Lo mzali ufakazelwe omunye oveze ukuthi uthishanhloko ubatshele ukuthi waqala ukusola ukuthi kunenkinga ngoba ukudla kwakungasafiki ngesikhathi esifanele.
"Uthe kwesinye isikhathi ukudla kwakufika sesidlulile nesikhathi sekhefu kusazophekwa, izingane zidle sezibuyelile emakilasini, kodwa nalokho kwaphela njengoba engasafiki nhlobo esikoleni," kusho omunye umzali.
UMnuz Ngema (esingalitholanga igama lakhe) ongusihlalo wesigungu esilawula isikole uthe nabo bayalwazi udaba futhi babemgqumgquzela uthishanhloko ukuba ahambise umbiko oyiqiniso emkhandlwini ngendaba yokungafiki kokudla esikoleni.
"Siphatheke kabi kakhulu ngokwenzekayo, futhi kuyaxaka ngempela ukuthi uMnyango wezeMfundo uthule awuzi nesisombululo sale nkinga. Okunye okusimangazayo ukuthi sibone ephepheni ukuthi yona le nkampani ehlulekayo ukusebenza, inikezwe enye inkontileka yokuqhubeka nalo msebenzi nokusho ukuthi umnyango kawuwunakanga umbiko kathishanhloko," kusho yena.
Uqhubeke wathi inkukhu yaqala yasola umgqakazo ngesikhathi bezwa ukuthi le nkampani ngeyomuntu ozinze eMpangeni.
"Umuntu oseMpangeni uwuthola kanjani umsebenzi wokuphakela izikole zaKwaMaphumulo naseNdwedwe? Njengoba ebengafiki ngesikhathi esifanele kwesinye isikhathi wayethi usuka kude yena ngeke akwazi ukusheshe afike," kuqhubeka uNtuli.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Mlotshwa uthe kuyakhathaza kakhulu uma kuzwakala imibiko yokuthi kunezikole ezingakutholi ukudla.
“Uhlelo lokudla ezikoleni lwenzelwe zona izingane ukuba zisizakale, kubi ngempela uma kuzwakala ukuthi abantu abenza lo msebenzi kabawenzi ngendlela efanelekile,” kusho yena.
Uqhubeke wathi uzoxhumana nesifunda seLembe ukuze bathole umbiko mayelana nalezi zinsolo.