BUBONGA uNkulunkulu ubuholi obuphezulu besikole esizimele esibunjwe ngaphansi kwesisekelo sobuKhristu saseMlaza, iCanaan College ngokuhlomula ngo-90% kuka-matric wokuqala waso.
Ukuqinisekisa ukuthi njalo ekuseni kuqalwa ngomthandazo kulesi sikole, isikhulu esiphezulu saso, uNksz Sthabile Shezi sithi yikhona okudale ukuthi izinto zibahambele kahle kwimiphumela yabo yokuqala ngqa ka-matric.
Yize ezikoleni eziningi imikhuleko yasekuseni seyaqedwa kodwa uNksz Shezi uthe bona abasoze balenza lelo phutha ngoba isisekelo sabo singuKhristu uqobo.
Uthe ukholwa ukuthi ukube bebengancikile kuNkulunkulu, le miphumela emihle ibingeke itholakale.
"Isikole sethu sakhiwe ngezimpande ezijulile zenkolo yobuKristu. Abafundi bethu bonke ngaphambi kokuba bafunde bayakhunjuzwa ngokubaluleka kwesisekelo somuntu esinguNkulunkulu,''echaza.
Uthe okuseqhulwini kubona njengobuholi besikole ukukhiqiza uhlobo lwabafundi olubonakala lucabanga ngendlela ehlukile.
Uthe babumba uhlobo lwabafundi oluzocabanga ngokudala amathuba omsebenzi ngaphezulu kokuba lucabange ngokuqashwa.
Uthe lokhu kuzokwenzeka ngoba konke abakufisayo bayakucela kuNkulunkulu ngomkhuleko.
Uthe bahlabeke umxhwele ngokuthi bazuze amaBachelor angu-57%.
Uthe muhle umsebenzi owenziwe abafundi babo ngoba bebeyingxenye yabafundi imfundo yabo eyakhinyabezeka ngesikhathi seCovid 19.
Ngonyaka ozayo uthe bazosebenzela ukuthi bazuze u-100%. "Siyazi ukuthi uNkulunkulu uzoba nathi sikuzuze lokhu esikuhlosile,''usho kanjena.
Umsunguli walesi sikole nguMfu Nhlanhla Khambule oyiNhloko yebandla laseMgungundlovu iHouse of Christ.