NKOSIKHONA CELE
KUPHAZAMISEKE ukufunda kwama yonke into eMazwendoda High, eNzinga, eMpendle, kuhayiza uthisha wesifazane emva kokuthi abafundi bemfakele umgwinyo esiphuzweni sakhe.
Ngokuthola kweSolezwe ngoMgqibelo, uthisha ofakelwe umgwinyo usolwa ngabafundi ngokweyisa nangokuthela induku yize ingasavumelekile ezikoleni. Kuthiwa idlanzana labafundi limbophele itulo, okuthe uma ecela ukuthengelwa isiphuzo esitolo, abafundi baqhamuka nesu lokusinonga ngomgwinyo, waphuza engaboni.
Kubizwe umhlangano ophuthumayo wabazali nesigungu esilawula isikole, ukuzama ukudambisa isimo njengoba bese kuphazamiseke yonke into.
Usihlalo walesi sigungu ongathandanga namagama akhe aphelele, ozibize ngoNkk Mtshali kuphela, uqinisekisile ukuthi kube nalesi sidumo kodwa waqhakambisa kakhulu inkinga yezidakamizwa ekhungethe esikoleni.
“Ikhona impela inkinga yezidakamizwa kulesi sikole. Engikutholile ukuthi babe baningi abafundi okutholakale ukuthi nabo badle umgwinyo,’’ usho kanjena.
Imithombo engaphakathi, okungabanye othisha, ithe abafundi abagwinyise uthisha wesifazane, bagcine bezigonyulukela kwabanye kubona. Basho nokuthi abafundi abathintekayo bathi bebemqaqa upende ngoba nguyena yedwa oshaya izingane futhi uyedelela.
UNkk Mtshali uthe bazosebenza ngokuzikhandla ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi liyanqotshwa idimoni lezidakamizwa kulesi sikole.
“Inkulu kakhulu inkinga yezidakamizwa ebonakala ihlasele. Ngikhuluma nawe nje kukhona nabanye abafundi bamantombazane ababulawa yizidakamizwa esikoleni,’’ usho kanjena.
Uveze nokuthi insangu nayo ibonakala iqala manje ukudla lubi kubafundi.
“Eyi! Asisazi manje ukuthi senzenjani? Ngikhuluma nawe nje, sekunabafundi bakulesi sikole asebethanda ukugxila kakhulu ekubhemeni insangu,’’ kusho owesigungu sesikole.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu Natal, uMnuz uKwazi Mthethwa, usigxekile kakhulu isigameko.
Uthe abakugqugquzeli nje nhlobo ukuthi kube nesimo esifuze lesi esikoleni.
“Asikwamukeli ukusetshenziswa kwezidakamizwa emagcekeni esikole. Lesi yisimo okumele kuqinisekiswe ukuthi asibonakali siphinde senzeka,’’ kusho yena.
Mayelana nothisha, uthe bazolinda umbiko ogcwele ovela esikoleni bese beqala bengenelela kusukela kwabazokuthola.
Ohlala eMkhandlwini weNkosi yaKwaNxamalala, oholwa yinkosi uKwazi Zuma, uMnuz Tallman Zuma futhi ongusihlalo wenhlangano elwa nobugebengu ebizwa ngeKZN Community Crime Prevention Association (KZN CCPA), uthe bazwile ngodaba olwenzeke eMazwendoda. Ukhale ngokuthi inkulu kakhulu inkinga yezidakamizwa ekhungethe isikole.
“Lolu daba sesivumelene ngokuthi luke ludingidwe kabanzi naseMkhandlwini weNkosi. Sikhathezekile kakhulu ngale nto esiyibona iqhubeka eMazwendoda,’’ usho kanje.
Eqhuba, uZuma uveze ukuthi abafundi abagile lo mkhuba kuyimanje sebexoshiwe esikoleni.
Ukhale ngokuthi abafundi abasuka emadolobheni yibona asebeholele ekutheni kube nokusetshenziswa kwezidakamizwa okungapheli ngaphakathi emagcekeni esikole.