SEKWEQE amabhubesi esiqiwini iTembe Elephant Park, KwaMhlabuyalingana, KwaZulu-Natal.
Okwamanje akwaziwa ukuthi mangaki amabhubesi eqile kodwa abezeMvelo KZN Wildlife, sebekhiphe ithimba eliwathungathayo.
UMnuz Musa Mntambo, obhekelele ezokuxhumana kwezeMvelo KZN Wildlife, ukuqinisekisile ukuthi akhona amabhubesi aphumile esiqiwini.
“Siyitholile imibiko yokuphuma kwamabhubesi esiqiwini, iTembe Elephant Park. Amanye asebuyelile ngaphakathi kodwa amanye sisawafuna. Ucingo lwaseTembe, luqine ngokwanele ngakho amabhubesi awaputshanga ocingweni kodwa-ke isihlabathi sakhona sithambile. Amabhubesi aphumile ambe ngaphansi kocingo abe eseyeqa,” kuchaza uMntambo.
Uthe amaphoyisa ezeMvelo KZN Wildlife, asebenzisana nethimba elihamba nezinja ezihogela umkhondo wezilwane zasendle eziphuma eMpumalanga, ukuze zisize ekuwakhipheni ehlathini asecashe kulo.
Udonse ngendlebe abantu ukuthi uma bewabona amabhubesi, bathinte abezeMvelo KZN Wildlife.