UPHUZO oludakayo nensangu yikhona okuphazamisa ukusebenza kwengqondo yomunye wabasolwa ngokubulala owayengunobhala jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa.
Lokhu kuhlaluke eNkantolo eNkulu eMgungundlovu ngesikhathi kufundwa imiphumela yokuhlolwa kwengqondo yomunye wabasolwa, uMnuz Mlungisi Ncalane.
UNcalane uhlolwe ingqondo esibhedlela iFort Napier, eMgungundlovu, ngoMsombuluko ntambama.
Ukuhlolwa kwakhe kwenziwe emva kokuthi ummeli wakhe etshele inkantolo ukuthi uNcalane akakulungele ukubhekana necala.
NgoLwesibili ekuseni inkantolo izwe ukuthi ingqondo kaNcalane ayiphazamisekile.
"Uhlushwa wuphuzo oludakwayo nensangu, okuyikhona okumenza sengathi ikhanda lakhe kalithathi kahle."
Kuyaqhubeka ukuqulwa kwecala.