KUSINDA kwehlela emndenini wabayisihlanu okukhona kubo abasebasha kodwa abangasebenzi baseMolweni abahlala endlini elokhu iwa izikhawu njalo uma kunemvula enamandla.
Ilungu lomndeni elineminyaka engu-30 nokuyilo eseliyinhloko yekhaya, uNksz Mabongi Ndlovu, lithe lihlala nodadewabo (20), umfowabo (14), ingane yalo (6) nengane kadadewabo (1).
Echaza ngendlu yakubo uthe yayinamagumbi amane, yakhiwe ngezitini zodaka. Uveze ukuthi yawa ngezikhukhula.
“Kwasala igumbi elilodwa. Yilo esilala kulo sonke. Nezinye izinto ezifana nokupheka nokugeza, sikwenzela kulo ngoba yilo elisele,” kuchaza uNksz Ndlovu.
Uthe njalo uma kuna imvula noma kunomoya, bavuka bame ngezinyawo ngoba basuke benovalo lokuthi ingase iwele phezu kwabo indlu.
Uveze nokuthi unina obesegule iminyaka emibili yonke, ushone ngoMashi nonyaka, eshonela kuyo le ndlu.
Uveze ukuthi bangabanye babantu abahlaliswa emahholo omphakathi emva kokukhahlanyezwa yizikhukhula kodwa unina wabuye wakhetha ukubuyiselwa ekhaya.
Ubuye wathi okubuhlungu ukuthi nokudla babuye bangabi nakho njengoba bobahlanu bethembele ku-R510 oyisibonelelo sikahulumeni esitholwa ingane yakhe.
“Kusekhona umama kwakungcono ngoba umfowethu naye ubesithola isibonelelo sakhe, sisihlanganise nesengane yami, kuthi ukuba ngcono. Kuthe eseshonile umama, sanqamuka isibonelelo sikamfowethu, kwaphoqa ukuthi siphile ngesengane yami sodwa,” kusho uNksz Ndlovu.
Uthe akazi ukuthi yini eyanqamula isibonelelo sikamfowabo futhi akakaze ayobheka kwaSassa njengoba ingekho imali angathi uzoyibeka eceleni ukuze agibele ngayo aye khona.
Uveze nokuthi ingane kadadewabo ayisiholi isibonelelo ngoba kade engenawo umazisi.
“Ima kade ewuthola okokuqala ngqa empilweni yakhe ngoMsombuluko. Ima sizoqala ke senze imizamo yokuthi ayobhalisela eyakhe ke ingane naye,” kusho uNksz Ndlovu.
Uthe usizo abaludingayo olokwakhelwa indlu, ukuvulwa kwemali yeqolo likamfowabo, ukubhalisa eyeqolo enganeni kadadewabo, izijumbana zokudla noma amavawusha nokuthola umsebenzi noma imuphi.
Lithintwa ikhansela, uNkk Nonsikelelo Msomi, lithe abanye ababehlaliswe emahholo omphakathi ngesikhathi sezikhukhula bathuthwa bayobekwa endaweni engcono.
Uthe yize umndeni wakwaNdlovu kubukeka sengathi wasala kulabo abahanjiswa ukuyolindela izindlu zabo eZwelibomvu, usengasizakala.
“Iningi labadilikelwa onjiniyela bakubeka kwacaca ukuthi umhlaba abadilikelwa kuwo awusakulungele nhlobo ukuthi kwakhiwe kuwo. Yingakho uhlelo lokwakhelwa kwabo luqhubeka kwenye indawo,” kusho uNkk Msomi.
Uthe umndeni wakwaNdlovu ubaliwe nawo kulolo hlelo ngoba siyaziwa isibalo sabantu ababedilikelwe ngezikhukhula eMolweni.
“Bangasheshiselwa uma bengathola umhlaba endaweni engcono ngoba nalabo abangayiswanga eZwelibomvu, abahleli ezihlotsheni, uma sebeveza ukuthi banawo umhlaba abafuna ukuvuselwa kuwo izindlu zabo, siyeza kubona, bakhelwe,” kusho yena.
Uphethe ngelithi odabeni lokushodelwa ukudla nolwesibonelelo sikahulumeni, ucela ukunikwa imininingwane yawo umndeni wakwaNdlovu ukuze asondele eduze nawo, abone ukuthi ungasizakala kanjani.