INYUNYANA yabasebenza ngensimbi, iNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa), idonse ngendlebe amalungu ayo angaphezu kuka-300 000 ukuba angalokothi avotele i-DA, Action SA, Rise Mzansi, Patriotic Alliance, FF Plus, Bosa ne-ACDP.
Ithe lama qembu afuna ukubuyisela abasebenzi emuva futhi awahambisani nenkululeko yabantu emhlabeni jikelele.
UNobhala Jikelele we-Numsa, uMnuz Irvin Jim, uthe amalungu abo angavotela noma yiliphi iqembu elingabaliwe ngenhla ngoba kuyosho ukuthi lona alibacindezeli abasebenzi.
Ubalule ukuthi amaqembu abalwe ngenhla awawahloniphi amalungelo abasebenzi, awafuni ngisho bateleke, awafuni kulwelwe amalungelo abo nokuthi labo abahola kancane kakhulu baholelwe ngokohlelo lwe-national minimum wage.
Ubuye wakhala ngokuthi la maqembu awabeseki abantu abacindezelwe ePalestine, abaqhunyiswa ngamabhomu amasosha akwa-Israel nsukuzonke eGaza.
“Kulo nyaka ngeke sisho ukuthi abasebenzi bethu bavotele liphi iqembu kodwa asifuni bavotele lawa esiwabalile ngoba azoqeda nya ngemisebenzi. Azovulela ukuthi baxhashazwe kuphele ukuhlonishwa kwamalungelo abasebenzi. Sebengavotela noma iliphi iqembu. Ngeke sithi baye kwi-ANC, EFF, MK namanye kodwa yibona okufanele bazithathele isinqumo. Thina okwethu wukuthi sibatshele ngamaqembu azobabuyisela emuva,” kusho uJim.
Uthe lisekhona iqembu labo elibizwa nge-Socialist Revolutionary Workers Party (SRWP) kodwa basazama ukulakha yingakho lingeke lilingenele ukhetho.
Uveze ukuthi isinqumo sokuthi kuvotelwe noma yimaphi amaqembu ngaphandle kwalawa abawabale ngenhla sithathelwe ukuletha impilo engcono kubasebenzi.
“Sifuna abasebenzi babe nempilo engcono, njengenyunyana enamalungu amaningi sizimisele ukuba nezivumelwano namaqembu epolitiki abeke izimfuno zabasebenzi phambili. Lapha sibala i-EFF, ANC, MK namanye alwaziyo usizi lwabasebenzi. Isekhona iSRWP kodwa sisayakha yingakho ingangeni okhethweni,” kusho uJim.