LIBONGA uNkulunkulu ngokudlondlobala kwabazalwane balo emabhizinisini ibandla iPower of God Assembly eliholwa ngowesifazane ophinde abe ngusomabhizinisi.
UMbhishobhi Thandeka Nene uhola leli bandla ngokubambisana nomyeni wakhe uMphostoli Skhumbuzo Nene.
UMbhishobhi Nene uveze ukuthi leli bandla lizokuba nenkonzo enkulu yokuvala unyaka ezokuba seMcopheleli Primary School, eClermont entshonalanga yeTheku.
Izoqala ngomhla ka-21 Novemba ize iphothulwe ngomhla ka-26 ngenyanga efanayo.
Uthe inkonzo bafuna ukuyisebenzisela ukubonga uNkulunkuklu ngezinto ezinhle asezenzele ibandla eminxeni ehlukene yempilo.
Omunye waloyo munxa uthe ngowezamabhizinisi. Uthe kuleli bandla bayabakhuthaza abazalwane ukuba bangabi madolonzima uma kukhulunywa ngokungena ebhizinisini.
Uthe ukubakhuthaza kwabo abazalwane ngezamabhizinisi kubonakala kuthela izithelo ezinhle.
Echaza ngalokhu uMbhishobhi Nene uthe : ''Siyambonga uNkulunkulu ngokuningi okuhle asibusisa ngakho kuleli bandla. Okuyikhona okuhle kakhulu ukubona amalungu ebandla lethu ekhula kwezamabhizinisi.’’
Ukhulume nangohlelo abanalo athe basuke behlose ngalo ukuthi bakhuthaze ezemfundo kubazalwane baleli bandla.
Nalo uthe lubonakala ludlondlobala futhi luthela izithelo minyaka yonke.
Uthe kuleli bandla ezemfundo bazibeka eqhulwini minyaka yonke.
"Asifuni ukuthi ujahe ukungena ebhizinisini kanti awufundile ngokwanele. Kumele udumise uNkulunkulu, ungene ebhizinisini ukholwa ebese ngaphezulu weleka ngemfundo,''usho kanjena.
Ngokusho kwakhe ukudlondlobala kwabazalwane kwezamabhizinisi kusho ukuzimela kwebandla likaNkulunkulu ngaphandle kokuba lincike kwabathile.
Leli bandla lasungulwa ngabazali bakhe uMfu Nene, uMphostoli Mahlalempini nomkakhe, uMfu Victoria Mahlalempini.
UMbhishobhi Nene uyisikhulu esiphezulu senkampani iThandeka Global Equipy (TGE).