UKUGUGA kwengqalasizinda ngezinye zezinto eziyimbangela yokugqoza kwamanzi ezindaweni zaseNdwedwe.
Lokhu kudalulwe yimeya entsha ebekwe kuleli sonto uMnuz Samuel Mzamo Mfeka, okhethwe wumphakathi wakule ndawo ngemva kwemibhikisho eminingi lapho izakhamizi bezikhononda ngokugqoza kwentuthuko, ikakhulu amanzi.
Ngaphambi kokhetho, leli phephandaba labika ngodaba lowesifazane owashelwa yindlu ekhala ngokuthi ngabe ayizange ingqongqe yonke, ukube yayingekho inkinga yamanzi eNdwedwe.
Kwavela nokuthi namanzi ahlinzekwa ngezimoto wumasipala, kukhona asebenza ibhizinisi ngawo, bawadayise ngemali bese kuba nzima ukuthi atholwe ngabanye.
Kuseqhulwini lwezinhlelo zikaMfeka ukusabalaliswa kwamanzi emphakathini. Ngokusho kwemeya kunohlelo olubizwa ngeDistrict Development Model, lapho umasipala uzobambisana nomkhandlu iLembe, ukuhlinzeka amanzi emphakathini waseNdwedwe.
"Kunohlelo lokuthi sisebenzisane ngamanzi, siwadonse ngolayini waseMshwathi, ukuze sikwazi ukuwasabalalisa eNdwedwe. Zikhona nezinhlelo ebese ziqalwe yithimba esithatha kulo, nesizoqhubeka nazo. Inkinga enkulu okusamele siyisukumele nenomthelela ongemuhle, ukuguga kwengqalasizinda nephazamisa izinhlelo eziningi nokufakwa kwamanzi. Kuzosiza ukungena kwamanzi ukuze sivuselele ezolimo," kuchaza uMfeka
Ebuzwa mayelana nembhikisho evamise ukudla lubi kule ndawo uMfeka uthe, uyethemba ukuthi lizokwehla izinga uma umasipala uhlangabezana nezidingo zomphakathi.
"Iqiniso wukuthi abantu abayiqali imbikisho ngento engekho. Izikhalo zabo zisuke zikhona futhi zizwakala. Ngikholwa ukuthi ukusebenza ngokwethembeka nokuzimisela kuzokwenza umsebenzi wethu ubelula ngoba abantu basikhethe ngokusethemba. Into ebalulekile ukuthi ngesikhathi kunezigaba zokuhlinzekwa kwentuthuko, kumele abantu bangashiywa ngaphandle futhi baziswe ukuthi uhlelo seluku siphi isigaba. Imibiko ibalulekile ngoba kugcina kubonakala sengathi akwenziwa lutho uma abantu bengaziswa ngezinhlelo," kusho uMfeka.
Ephetha uMfeka uthe ukholelwa ukuthi nabantu abasha bakule ndawo badinga ukucijwa kakhulu ngamakhono, azobasiza ekusunguleni umsebenzi abakwazi ukuqashana bodwa futhi bafukule nomnotho.
"Iqiniso wukuthi ngeke intsha yendawo iqasheke yonke ngoba siwumasipala omncane kodwa amakhono adinga ukucijwa. Kumele intsha ifundiswe indlela yokusungula nokukhulisa amabhizinisi kungabi ukuthi iqeqeshelwa ukuqashwa," kusho uMfeka.