KUQHUME imikikizo nomakhwela kwizakhamizi zaseJozini ngesikhathi Imeya ehola lomkhandlu, uMnuz Mfananaye Mathe, enikela ngokudla kuzo zonke izikole zaseJozini ezilungiselela ukubhala izivivinyo zikamatric.
UMathe uthe, ekuqaleni kwalonyaka wathembisa abazali bezingane ezifunda umatric ukuthi uzozilekelela ngokunikela ngokudla uma sezizoqala izivivinyo zazo zokuphela konyaka.
"Ngenza isifungo sokuthi lezingane ezifunda amakilasi engeziwe ngizozilekelela ngokuya ngasethunjini. Sifisa ukukugqugquzela ukunakekelwa kwezingane zethu ezikoleni. Ukudla kuyimpilo kanti futhi kunika izingane umdlandla namandla ukuze zikwazi ukuhlala zinaka uma kufundiswa. Into esenze saqoka ukunikela ngokudla ukuthi siyakuqonda ukuthi siphuma emakhaya angafani, kukhona abazothi uma bethola lokhukudla kwenze umehluko omkhulu kubo, " kuchaza UMathe.
Eqhuba uMathe ushumayele ivangeli lobumbano emphakathini wathi kubalulekile ukuthi umphakathi usebenze kanye nezikole.
“NjengoMasipala siyohlezi sikhona uma umphakathi usidinga,” kusho yena.