INJABULO ibibhalwe ebusweni kwizakhamizi zaseNkandla eMangidini ngesikhathi iMeya kaMasipala waseNkandla, uMnuz Mbhekiseni Biyela, inikela ngezinsiza-kusebenza ngoLwesibili.
UBiyela uthe uMkhandlu waseNkandla ukhuthaza umphakathi wakule ndawo ukuba usukume uzibambele ekwakhiweni kwamathuba emisebenzi, yingakho ebahlangabeza ngezinsiza-kusebenza ezifana namabhodwe, amatende ahambisana nezitulo, izitofu ukusiza kuqhubeke imisebensi yokupheka eyenziwa yizinhlangano ezahlukene ezisiza umphakathi.
Ilungu lomphakathi ku-wadi 2 eMpotholo elingaphansi kwenhlangano uMasiyaluze, elihlomule kulolu hlelo, lithe inhlangano yabo ilekelela imindeni engathathi ntweni, uma kuvela izinhlelo ezifana nalezi bayajabula ngoba sebezosiza abanye.
“UMasiyaluze wenza izinto eziningi, uyalekelela emphakathini noma kushoniwe noma kube nezimvula ezinkulu, uMasiyaluze uyafika ufake isandla. Njengenhlangano sithanda ukudlulisa ukubonga ukuthi nathi kukhona esikutholayo, ezicelweni zonke ebesilokhu sizenza kuMasipala wethu waseNkandla, sibonga ukuthi ubuyile kuthina ngezinsiza-kusebenza,” kusho uZondi.
Elinye ilungu lomphakathi elinenhlangano kamasingcwabisane ebizwa ngeMasisizane, uNkk Rachel Ntuli, lona lithe lezi zinsiza zizodlala enkulu indima ekuthuthukiseni inhlangano yabo.
“Njengenhlangano kukhona okuningi ebesingenakho kodwa ngoba umkhandlu usufake isandla ngeke kusafana nasekuqaleni, siyabonga kakhulu ngoba size sathola itende,” kusho yena.
UBiyela uthe bona njengoMkhandlu bazohlala beweseka njalo umphakathi waseNkandla.
“Ngikhuthaza ukuba abantu bakithi balime njengoba sisazophinde sibanike izingodo nezingcingo zokubiya izingadi. Lapha eNkandla sizoxoxisana nezitolo ezinkulu ukuthi zithenge imikhiqizo yabantu bakithi ngaleyo ndlela nabo bakwazi ukuziphilisa nemindeni yabo,” kusho uBiyela.