KULOKOZA inhlansi yethemba kwabadilizelwa yizikhukhula emuva kokuthi uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uDkt Ntuthuko Mahlaba eveze ukuthi bahlela ukuqala izinhlelo zokwakha ngo-Ephreli.
UMahlaba usho lokhu izolo ngesikhathi ehambele izindlu zesikhashana ezise-Auckland, eMariannhill noNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu kuzwelonke, uNkk Mmamoloko Kubayi.
“Sihlela ukuthi ngo-Ephreli sibe sesiqala ukwakhela abantu amakhaya abo ukuze kushaye uDisemba sebehleli ezindlini. Namhlanje uNgqongqoshe uKubayi nePhini lakhe uNkk Pam Tshwete nabanye ongqongqoshe bezindlu kwezinye izifundazwe beze lapha ukuzobona umsebenzi esesiwenzile. Lapha e-Auckland kuhleli imindeni eyadilizelwa yimvula eDassenhoek. Ibihleli ehholo eCutshwayo njengoba sesiyakhele izindlu zesikhashana,” kusho uMahlaba.
UNksz Kubayi ube esebuza uNkk Nonhlanhla Ngema (41) ukuthi uhleli kanjani ezindlini zesikhashana ezise-Auckland.
UNkk Ngema uthe bahleli kahle futhi into ayijabulelayo wukuthi sebenekamelo lokulala, akufani nasehholo lapho babengenayo indawo yabo.
“Siyabonga kakhulu ukuthi nizosibona lapha ngoba ukuza kwenu kubuyisa ithemba lokuthi sizozithola izindlu zethu. Sibonga nekhansela lethu uMnuz Mthokozisi Gasa owayelokhu esizamela ukuthi size sakhelwe lezi zindlu zesikhashana. Into esihlalise kanzinyana lapha wubugebengu. Ave siqhuma isibhamu, sivele sizivalele ezindlini. Siyasaba ngoba asazi noma inhlamvu ngelinye ilanga iyongena endlini njengoba izindlu zethu zingakhiwe ngezitini,” kusho uNkk Ngema.
UMahlaba uthe udaba lobugebengu bayalusukumela futhi maduzane uzobe ehamba noNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele bazolungisa inkinga yobugebengu.
Uthembise uNkk Ngema ukuthi uzokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi awupheli lo nyaka bengahleli ezindlini zabo ngoba umhlaba wokubakhela usutholakele.
UNksz Kubayi ubonge umphakathi wase-Auckland, ngokuvuma ukuthi kwakhiwe izindlu zesikhashana endaweni yawo njengoba eminye ibingafuni ukuthi zakhiwe.
“Besinenkinga yokuthi eThekwini awukho umhlaba. Besithola ubunzima noma sizama ukwakha izindlu zesikhashana njengoba abantu bebesixosha, bethi abazifuni, bebengenalo uzwelo. Siyabonga nokuthi ikhansela lalapha liyasebenza njengoba nisamukele kahle futhi nilibonga nalo. Sesiwutholile umhlaba wokunakhela izindlu, zizokwakhiwa maduzane,” kusho uNksz Kubayi.
UNkk Nelisiwe Ntshobane naye ohlala e-Auckland, uthe uyathemba ukuthi izindlu zabo bazozithola njengoba sekufike ongqongqoshe endaweni yabo.
Uphethe ngokuthi uhleli nomyeni wakhe nezingane zabo ezine athemba ukuthi sezizoba nekhaya elihle.