BALINGANISELWA ku-39 asebeshonile ngenxa yesimo sezulu KwaZulu-Natal.
Lokhu kushiwo okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Siboniso Mngadi.
UMngadi uthe kusuka ngo-Okthoba kuze kube yimanje isimo sezulu sesidlule nemiphefumulo yabangu-39 kanti emuva kwemvula yakamuva kubhekwa abahlanu abasadukile.
“Abanye bebeshawa wumphezulu, abanye beminza, abanye bemuka nezimoto, abanye bedilikelwa yizindlu. Njengamanje simi kwabayisihlanu isibalo sabasabhekwa,” kusho uMngadi.
Omunye osabhekwa owesilisa waseMgungundlovu okuthiwa umuke namanzi emfuleni uMsunduzi ngaseHenley Dam ngeSonto.
Lona wesilisa kanye nababili abehamba nabo kuthiwa baminze ngesikhathi imoto ebebehamba ngayo imuka namanzi kulandela ukubhidlika kwebhuloho.
Ngokusho kokhulumela abezimo eziphuthumayo i-IPSS Medical Rescue uKelsey-Jae Meyrick, ebebekule moto bebengumndeni.
Uthe ngosuku lwesigameko bathole umbiko wokuthi sekukhona imoto esimuke namanzi. Uthe ngenxa yokuqinisa kwemvula nokungakhanyi ngokwanele kwendawo, ukucingwa kwabamukile kube sekuhlehliselwa uMsombuluko.
“NgoMsombuluko imoto igcine itholakala. Ikhishwe amalungu ombutho wamasosha, iSouth African National Defence Force khona emfuleni. Ngeshwa kutholwe izidumbu ezimbili ngaphakathi emotweni, esengane nesowesifazane, zadluliselwa emaphoyiseni,” kusho uMeyrick.
Uveze ukuthi esowesilisa asikatholwa kanti izinhlaka ezehlukene okukhona kuzo i-IPSS Search and Rescue, Port Shepstone SAPS Search and Rescue, START Rescue, Metro Police Search and Rescue neMi7 basaqhubeka nokucinga.
Khonamanjalo, eSundumbili eMandeni, kutakulwe isidumbu somfana oneminyaka eyisikhombisa ngalo iSonto.
Lo mfana uminze emfuleni iNembe ngesikhathi ezama ukuwela.
Mayelana nalesi sigameko, uMeyrick uthe uphiko lwabo lweSearch and Rescue kanjalo nabeRural Metro Fire Department abafike endaweni yesigameko ngokuphazima kweso, bafike basithola isidumbu somfana ngesikhathi becinga.
Isolezwe libuye lathola nokuthi iNdwedwe nayo ayisalanga ngaphandle ezindaweni ezikhahlamezekile njengoba kuthinteke imigwaqo eyehlukene kule ndawo, isikole iSogodi Primary, imizi nengqalasizinda kagesi.
IMeya yaseNdwedwe, uMnuz Sam Mfeka, ithe alinganiselwa kwayisikhombisa ama-ward akhahlamezekile. Kuwona uthe kuthinteke kakhulu ingqalasizinda efana nemigwaqo, ekagesi kanjalo nezindlu ezidilikile.
Uthe bamatasa baqoqa imininingwane ngesibalo esiqondile sabakhahlamezekile, nokho wathi akubanga khona muntu olimalayo noma oshonayo.
Uthe seluqalile ukuhanjiswa nosizo oludingwa abakhahlamezekile.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uNkk Bongi Sithole-Moloi ukuqinisekisile ukuthi isibalo sabadlule ngemvula enamandla ngosuku olwandulela uNcibijane simi kwabathathu, wabe esedlulisa amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe yizihlobo.
Uveze ukuthi kule mvula yakamumva, zimbili izifunda ezikhahlamezeke kakhulu, okunguMgungundlovu neLembe.
“Ngaphansi koMgungundlovu kumuke abathathu ngesikhathi imvula enamandla icekela ibhuloho elinqamula kule ndawo kwagcina kumuka imoto ebihamba abathathu. EMandeni kumuke oyedwa, kwaphinde kwakhahlamezeka nemizi eminingi nemigwaqo,” kusho uNkk Sithole-Moloi, othe amathimba abo ezinhlekelele ajutshwe kulezi zindawo ayobheka umonakalo.
Kwenzeka lokhu nje, eMnambithi kusaqhubeka ukucingwa kwabantu abamuka namanzi ngosuku olwandulela uKhisimusi. Kubikwa ukuthi basekhona abanyamalele kanti phambilini kuqinisekiswe ukufa kwabangu-21 kulandela ukutholwa kwezidumbu zabo ebezilokhu zitakulwa amathimba ezinhlekelele emva kukaKhisimusi.